Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 8:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Yebo, kuwena, nakubantu bakho, nasezincekwini zakho zonke ayakwenyukela amasele.’ ”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Amasele azokhuphukela kuwe nakubantu bakho, nakuzo zonke izinceku zakho.’ ”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Amaxoxo ayakukhuphukela kuwe nakuzo abantu bakho nakuzo zonke izinceku zakho.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 8:4
13 Referans Kwoze  

Kalokhu-ke mina Nebukadinesari ngiyatusa, ngiyaphakamisa, ngiyidumisa iNkosi yezulu, ngokuba yonke imisebenzi yayo iyiqiniso, nezindlela zayo zingukwahlulela; abahamba ngokuzidla inamandla okubathobisa.


NguJehova Sebawoti okucebileyo ukuba konakaliswe ukuziphakamisa kwabo bonke ubukhosi, badeleleke bonke abadumileyo bomhlaba.


UJehova uyakulishaya iGibithe, elishaya, abeseliphulukisa; bayakubuyela kuJehova, bamncenge, abaphulukise.


Izikhulu zaseSowani ziyiziwula impela, nesiluleko sabaluleki abahlakaniphileyo bakaFaro siphendukile ubuwula; ningasho kanjani kuFaro ukuthi: “Mina ngiyindodana yabahlakaniphileyo, ngiyindodana yamakhosi asendulo,” na?


Wathela ukudelelwa phezu kwezikhulu, wabazulazulisa ehlane elingenandlela.


umfula uyakuvama amasele; ayakukhuphuka, angene endlini yakho, nasekamelweni lakho lokulala, naphezu kombhede wakho, nasendlini yezinceku zakho, naphezu kwabantu bakho, nasemaziko akho, nasezingqwembeni zakho zokuxova izinkwa.


UJehova wathi kuMose: “Yisho ku-Aroni, uthi: ‘Yelula isandla sakho nenduku yakho phezu kwemifula, naphezu kweminonjana, naphezu kweziziba, wenyusele ezweni laseGibithe.’ ”


Wenze njalo uJehova; kwangena uswebezane olwesabekayo lwezibawu endlini kaFaro, nasezindlini zezinceku zakhe, nasezweni lonke laseGibithe; izwe lachithwa ngenxa yezibawu.


Ncengani kuJehova, ngokuba sekwanele lokhu kuduma okungaka nesichotho; ngizakunivumela ukuba nihambe, ningabe nisahlala.”


Ngalokho ake nithethelele isono sami ngalesi sikhathi esisodwa nje, nincenge uJehova uNkulunkulu wenu ukuba asuse kimi lokhu kufa kuphela.”


Abantu bafika kuMose, bathi: “Sonile, ngokuba sikhulume kabi ngoJehova nangawe; khuleka kuJehova ukuba asuse izinyoka kithi.” UMose wabakhulekela abantu.


Inkosi yayisithatha yathi kulowo muntu kaNkulunkulu: “Ake unxuse phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, ungikhulekele ukuba isandla sami siphiliswe.” Lowo muntu kaNkulunkulu wanxusa kuJehova, saphiliswa isandla sakhe, saba njengakuqala.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite