Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 8:26 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Wayesethi uMose: “Akufanele ukwenze njalo, ngokuba siyakuhlabela uJehova uNkulunkulu wethu lokhu okunengeka kwabaseGibithe; bheka, singahlaba okunengeka kwabaseGibithe emehlweni abo, bangasikhandi ngamatshe, na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

26 Kepha uMose wathi: “Akunakwenzeka lokho, ngokuba imihlatshelo esizoyethula kuSimakade uNkulunkulu wethu ingokunengekayo kwabaseGibhithe. Singahlaba yini okunengekayo kwabaseGibhithe, singakhandwa ngamatshe na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Wayesethi uMose: “Akulungile; ngoba siyakunikela okunengekayo kwabaseGibhithe eNkosini uNkulunkulu wethu; bheka, siyakunikela okunengekayo kwabaseGibithe phambi kwamehlo abo, bangasikhandi ngamatshe, na?

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 8:26
11 Referans Kwoze  

anothi: ‘Izinceku zakho zingabantu bemfuyo kwasebusheni bethu kuze kube manje, thina nawobaba,’ ukuze nihlale ezweni laseGosheni, ngokuba wonke umalusi wezimvu uyanengeka kwabaseGibithe.”


Bambekela ukudla ngokwakhe, nalabo ngokwabo, nabaseGibithe abadla naye ngokwabo, lokhu abaseGibithe bangedle namaHeberu, ngokuba kuyanengeka kubo abaseGibithe.


Akakho okhumbulayo, nokwazi nokuqonda akukho kokuba kuthiwe: “Ngishisile inxenye yawo ngomlilo, ngenzile isinkwa phezu kwamalahle awo, ngosile inyama, ngayidla; ngingenza okuseleyo kuwo kube yisinengiso, ngikhothamele umbhuku womuthi,” na?


Kwathi sekuphelile lokho, izikhulu zasondela kimi, zathi: “Abantu bakwa-Israyeli nabapristi namaLevi abazahlukanisanga nabantu bezizwe nezinengiso zabo, ezamaKhanani, namaHeti, namaPherizi, namaJebusi, nama-Amoni, nabakwaMowabi, nabaseGibithe, nama-Amori.


Izindawo eziphakemeyo ezaziphambi kweJerusalema, ngakwesokunene kweNtaba Yokonakala, uSolomoni inkosi yakwa-Israyeli ayezakhele u-Ashitaroti isinengiso samaSidoni, noKemoshi isinengiso sakwaMowabi, noMilkomu isinengiso sabantwana bakwa-Amoni, inkosi yazingcolisa.


“Bayakulalela izwi lakho; uyakufika wena kanye namalunga akwa-Israyeli enkosini yaseGibithe, nithi kuyo: ‘UJehova, uNkulunkulu wamaHeberu, uhlangene nathi; ake sihambe manje ibanga lezinsuku ezintathu, siye ehlane, sihlabele uJehova uNkulunkulu wethu.’


Khona uFaro wababiza oMose no-Aroni, wathi: “Ncengani uJehova ukuba asuse amasele kimi nakubantu bami; ngizakuvumela abantu ukuba bahambe, bahlabele uJehova.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite