Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 8:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 “ ‘Ngalolo suku ngiyakwahlukanisa izwe laseGosheni abakhe kulo abantu bami ukuba kungabikho izibawu khona, ukuze wazi ukuthi nginguJehova phakathi kwezwe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 Ngalolo lusuku ngiyakulehlukanisa iGosheni lapho kuhlala khona abantu bami, akuyukuba bikho zinkumbi zezibawu khona, ukuze wazi ukuthi Mina Simakade ngikuleli lizwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Ngalolo suku ngiyakunquma izwe laseGosheni abantu bami abahlala kulo, kungabikho izibawu; kuze kube sekupheleni niyakwazi ukuthi nginguJehova enkabeni yomhlaba.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 8:22
19 Referans Kwoze  

UJehova uyakwahlukanisa imfuyo yakwa-Israyeli nemfuyo yaseGibithe, kungafi lutho kukho konke okwabantwana bakwa-Israyeli.’ ”


Bese nibuya, nahlukanise abalungileyo nababi, abamkhonza uNkulunkulu nabangamkhonziyo.


Ababonananga; akusukanga muntu endaweni yakhe izinsuku zaze zaba ntathu; kepha kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli kwakukhona ukukhanya emakhaya abo.


Ngiyakwenza-ke izahlulelo eGibithe, bazi ukuthi nginguJehova.’ ”


Wakwenza-ke lokho uJehova ngangomuso; yafa yonke imfuyo yaseGibithe, kepha emfuyweni yabantwana bakwa-Israyeli akwafa neyodwa.


Intonga yamandla akho uJehova uyakuyelula eseSiyoni; busa wena phakathi kwezitha zakho.


Igazi liyakuba luphawu lwenu ezindlini lapho nikhona; nanxa ngibona igazi, ngiyakudlula kini, ningehlelwa yisifo sokunibhubhisa, lapho ngibulala izwe laseGibithe.


Wayesethi uMose kuye: “Nxa sengiphumile emzini, ngizakwelula izandla zami kuJehova; kuyakunqamuka ukuduma, nesichotho asisayikuba khona, ukuze wazi ukuthi umhlaba ungokaJehova.


Ezweni laseGosheni kuphela, lapho babe khona abantwana bakwa-Israyeli, kwakungawi sichotho.


Wayesethi: “Ngomuso.” Wathi: “Makube njengezwi lakho ukuba wazi ukuthi akakho onjengaye uJehova uNkulunkulu wethu.


UJehova usho kanje, uthi: Ngalokhu uyokwazi ukuthi nginguJehova: bheka, ngenduku esesandleni sami ngiyakushaya phezu kwamanzi asemfuleni, aphenduke igazi.


Nokho uNkulunkulu uyiNkosi yami kwaphakade eyenza insindiso emhlabeni.


AbaseGibithe bayokwazi ukuthi nginguJehova, nxa ngelula isandla sami phezu kweGibithe, ngikhiphe abantwana bakwa-Israyeli phakathi kwabo.”


Ngokuba uma wenqaba ukuba basuke, bheka, ngizakuthumela kuwe izibawu, nakuzo izinceku zakho, nakubantu bakho, nasezindlini zakho; izindlu zabaseGibithe ziyakugcwala izibawu kanye nomhlabathi ezikuwo.


Ngizakwahlukanisa abantu bami nabantu bakho; ngomuso siyakuvela lesi sibonakaliso.’ ”


Kalokhu uma nilalela nokulalela izwi lami, nigcine isivumelwano sami, niyakuba yigugu kimi kunazo zonke izizwe, ngokuba umhlaba wonke ungowami,


ngokuba ngezinsuku eziyisithupha uJehova wenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho, waphumula ngosuku lwesikhombisa; ngalokho uJehova walubusisa usuku lwesabatha, walungcwelisa.


anothi: ‘Izinceku zakho zingabantu bemfuyo kwasebusheni bethu kuze kube manje, thina nawobaba,’ ukuze nihlale ezweni laseGosheni, ngokuba wonke umalusi wezimvu uyanengeka kwabaseGibithe.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite