Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 8:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Bawabuthela izinqwaba ngezinqwaba, izwe lanuka.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 Bawaqoqa bawabeka izinqwaba ngezinqwaba. Izwe lanuka.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Bazibuthela izinqwaba, izwe lanuka.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 8:14
11 Referans Kwoze  

“Ngiyakudedisela kude nani owasenyakatho, ngimxoshele ezweni elomileyo nelichithakeleyo, ubuso bakhe bube ngaselwandle lwasempumalanga, umuva wakhe ube ngaselwandle lwasentshonalanga, kukhuphuke ukunuka kwakhe, kwenyuke iphunga lakhe elibi;” ngokuba wenzile izinto ezinkulu.


“ ‘Kuyakuthi ngalolo suku ngimnike uGogi lapho indawo yethuna, kwa-Israyeli, isiGodi Sabadlulayo ngasempumalanga kolwandle, ivimbe abadlulayo, bembele khona uGogi naso sonke isixuku sakhe, bayibize ngokuthi isiGodi saseHamoni Gogi.


Ngokuba uJehova uthukuthelela izizwe zonke, ufuthekela yonke impi yazo; uziqalekisile, uzinikele ekubulaweni.


Wenze njalo uJehova; kwangena uswebezane olwesabekayo lwezibawu endlini kaFaro, nasezindlini zezinceku zakhe, nasezweni lonke laseGibithe; izwe lachithwa ngenxa yezibawu.


Izinhlanzi zasemfuleni zafa; umfula wanuka; abaseGibithe babengenakuphuza amanzi asemfuleni; igazi lalikhona ezweni lonke laseGibithe.


UJehova wenza njengezwi likaMose; amasele afa ezindlini, nasemagcekeni, nasemasimini.


Esebona uFaro ukuthi kuyiphefu, wayenza lukhuni inhliziyo yakhe, kabalalelanga, njengalokho eshilo uJehova.


Izanusi zazingenakuma phambi kukaMose ngenxa yamathumba, ngokuba amathumba ayekhona kuzo izanusi nakubo bonke abaseGibithe.


Bayithatha inkunzi abayinikwayo, bayilungisa, balibiza igama likaBali kwasekuseni kwaze kwaba semini ngokuthi: “Bali, siphenduleni;” kepha akubangakho zwi, nophendulayo wayengekho. Baxhuma ngase-altare ebelenziwe.


Kwathi lapho isidlulile imini, baprofetha kwaze kwanikelwa ngomnikelo wempuphu, kepha akubangakho zwi, nophendulayo, nonakekelayo.


Izikhulu zaseSowani ziyiziwula impela, nesiluleko sabaluleki abahlakaniphileyo bakaFaro siphendukile ubuwula; ningasho kanjani kuFaro ukuthi: “Mina ngiyindodana yabahlakaniphileyo, ngiyindodana yamakhosi asendulo,” na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite