Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 7:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 UMose wayeneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili, u-Aroni eneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nantathu, mhla bekhuluma kuFaro.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 UMose wayeseneminyaka engama-80, u-Aroni eneminyaka engama-83 ngesikhathi beyokhuluma noFaro.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 UMose wayeneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili ubudala, u-Aroni eneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nantathu lapho bekhuluma kuFaro.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 7:7
11 Referans Kwoze  

“Kwathi sekuphelele iminyaka engamashumi amane, kwabonakala kuye ehlane lentaba yaseSinayi ingelosi iselangabini lomlilo esihlahleni.


“Kuthe eseneminyaka engamashumi amane ezelwe, kwafika enhliziyweni yakhe ukuba abamele abafowabo, abantwana bakwa-Israyeli.


UMose wayeneminyaka eyikhulu namashumi amabili ekufeni kwakhe; iso lakhe lalingafiphele, amandla akhe ayengakanciphi.


wathi kubo: “Ngineminyaka eyikhulu namashumi amabili namuhla; angisenamandla okuphuma nokungena; uJehova ushilo kimi ukuthi: ‘Awuyikuliwela leli Jordani.’


Nganihola iminyaka engamashumi amane ehlane; izingubo zenu aziguganga kini, nesicathulo asiguganga onyaweni lwenu.


Izinsuku zeminyaka yethu zineminyaka engamashumi ayisikhombisa; kuthi uma ziziningi, zineminyaka engamashumi ayisishiyagalombili; nokho ukuvama kwazo kungukuhlupheka nelize, ngokuba zidlula masinyane, thina siyandiza, simuke.


Kwathi sekudlulile izinsuku eziningi, inkosi yaseGibithe yafa; abakwa-Israyeli babubula ngenxa yobugqila, bakhala; ukukhala kwabo kwenyukela kuNkulunkulu ngobugqila babo.


UJosefa wayeneminyaka engamashumi amathathu mhla emi phambi kukaFaro inkosi yaseGibithe. UJosefa waphuma ebusweni bukaFaro, wahamba izwe lonke laseGibithe.


UJehova wakhuluma koMose no-Aroni, wathi:


U-Aroni wayeneminyaka eyikhulu namashumi amabili nantathu mhla efela entabeni yaseHori.


“ ‘Ngathuma oMose no-Aroni, ngahlupha iGibithe ngalokho engakwenza phakathi kwalo; ngasemuva nganikhipha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite