Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 7:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Mina ngiyakuyenza inhliziyo kaFaro ibe lukhuni, ngandise izibonakaliso zami nezimangaliso zami ezweni laseGibithe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Kepha Mina ngizokuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro, ngiphindaphinde izibonakaliso nezimangaliso zami eGibhithe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro, ngandise izibonakaliso zami nezimangaliso zami ezweni laseGibithe;

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 7:3
25 Referans Kwoze  

UJehova wathi kuMose: “Ekuhambeni kwakho usubuyela eGibithe bhekisisa ukuba wenze ebusweni bukaFaro zonke izimangaliso engizibeke esandleni sakho; kepha mina ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo yakhe; akayikubayeka abantu ukuba bahambe.


Wayesethi uJehova kuMose: “UFaro akayikukulalela ukuba izimangaliso zami zande ezweni laseGibithe.”


ngamandla ezibonakaliso nezimangaliso, ngamandla kaMoya oNgcwele, njengokuba ngasuka eJerusalema, ngazungeza ngaze ngafika e-Iliriku, ngishumayela ivangeli likaKristu ngokupheleleyo.


Yena lowo wabakhipha enza izimangaliso nezibonakaliso ezweni laseGibithe, naseLwandle Olubomvu, nasehlane iminyaka engamashumi amane.


“Madoda akwa-Israyeli, zwanini lawa mazwi: UJesu waseNazaretha, indoda efakazelwe nguNkulunkulu phambi kwenu ngemisebenzi yamandla nangezimangaliso nangezibonakaliso uNkulunkulu azenza ngaye phakathi kwenu, njengalokhu nazi nina uqobo lwenu,


Ngakho-ke uJesu wathi kuyo: “Uma ningaboni izibonakaliso nezimangaliso, anisoze nakholwa.”


Wathuma izibonakaliso nezimangaliso phakathi kwakho, Gibithe, phezu kukaFaro nezinceku zakhe zonke.


“Njengasezinsukwini zokuphuma kwakho ezweni laseGibithe ngiyakubabonisa izimangaliso.”


Vuka, vuka, wembathe amandla wena mkhono kaJehova, vuka njengasezinsukwini zasendulo, ezizukulwaneni zamandulo. Akusuwe owamnquma kabili uRahabi, wamgwaza udrako,* na?


wenza izibonakaliso nezimangaliso kuFaro nasezincekwini zakhe zonke, nakubo bonke abantu bezwe lakhe, ngokuba wazi ukuthi babebaqholoshela, wazenzela igama, njengalokhu kunjalo nanamuhla.


izilingo ezinkulu azibonayo amehlo akho, nezibonakaliso, nezimangaliso, nesandla esinamandla, nengalo eyeluliweyo uJehova uNkulunkulu wakho akukhipha ngakho; uyakwenza kanje uJehova uNkulunkulu wakho kuzo zonke izizwe ozesabayo.


UNkulunkulu wake walinga yini ukuhamba eyozithabathela isizwe phakathi kwesinye isizwe ngezilingo, nangezibonakaliso, nangezimangaliso, nangempi, nangesandla esinamandla, nangengalo eyeluliweyo, nangengebhe enkulu njengakho konke uJehova uNkulunkulu wenu anenzela khona eGibithe phambi kwamehlo enu, na?


kepha ngikumise ngalokhu ukuba ngikubonise amandla ami, igama lami lishunyayelwe emhlabeni wonke.


OMose no-Aroni baya, babutha onke amalunga abantwana bakwa-Israyeli;


Wayesethi kuye: “Buyisela isandla sakho esifubeni sakho.” Wayesesibuyisela isandla sakhe esifubeni sakhe; kuthe esikhipha esifubeni sakhe, bheka, sase siphendukile, sinjengenyama yakhe.


Ngakho uhawukela lowo athanda ukumhawukela, umenza lukhuni lowo athanda ukumenza lukhuni.


Kodwa ngiyakwelula isandla sami, ngilishaye iGibithe ngezimangaliso engiyakuzenza phakathi kwalo, andukuba iniyeke.


Inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, kabalalelanga, njengalokho eshilo uJehova.


OMose no-Aroni bazenza zonke lezi zimangaliso ebusweni bukaFaro; uJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, kabavumelanga abantwana bakwa-Israyeli ukuphuma ezweni lakhe.


Ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro, abalandele; ngiyakudunyiswa ngoFaro nangebandla lakhe lonke; abaseGibithe bayakwazi ukuthi nginguJehova.” Benze njalo-ke.


Wazenza izimangaliso emehlweni awoyise ezweni laseGibithe endaweni yaseSowani.


Inhliziyo yenkosi isesandleni sikaJehova njengemifula yamanzi; uyayiphendulela lapho ethanda khona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite