Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 7:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 UFaro waphenduka wangena endlini yakhe, kayibekanga inhliziyo yakhe nakulokho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 UFaro waphenduka wabuyela esigodlweni sakhe, akaze akunaka lokho enhliziyweni yakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 UFaro waphenduka, wangena endlini yakhe, akabekanga inhliziyo yakhe nakulokhu.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 7:23
20 Referans Kwoze  

Uma ningezwa, uma ningakubeki enhliziyweni ukunika igama lami udumo,” usho uJehova Sebawoti, “ngiyakuthuma kini isiqalekiso, ngiqalekise izibusiso zenu, yebo, sengiziqalekisile, ngokuba anikubeki enhliziyweni.


“Bonani phakathi kwabezizwe, nibheke, nimangale nokumangala, ngokuba wenza isenzo ezinsukwini zenu eningayikukholwa yiso, lapho silandwa.


Lo muntu wathi kimi: “Ndodana yomuntu, bheka ngamehlo akho, uzwe ngezindlebe zakho, ubeke inhliziyo yakho kukho konke engiyakukubonisa khona, ngokuba ulethiwe ukuba ngikubonise; yitshele indlu yakwa-Israyeli konke okubonayo.”


Azesabanga, aziklebhulanga izingubo zazo, inkosi nezinceku zayo ezaziwezwa onke lawa mazwi.


Jehova, amehlo akho awaseqinisweni na? Ubashayile, kepha abadabukanga; ubaqedile, kepha balile ukwamukela ukulaywa; benza lukhuni ubuso babo kunetshe, bala ukuphenduka.


Jehova, isandla sakho siphakeme, kepha kababoni; kodwa mababone ukushisekela kwakho abantu, babe namahloni; yebo, umlilo uyakuqeda izitha zakho.


Umuntu osolwayo, onentamo elukhuni kodwa, uyakwaphulwa ngokuphazima kweso, engenakuphulukiswa.


Ngabuka-ke mina, ngacabanga; ngabona, ngathola ukulaywa:


Beka indlebe yakho, uzwe amazwi ezihlakaniphi, ubeke ukufundisa kwami enhliziyweni yakho.


Maningakwethembi ukuqhwaga, ningazigabisi ngokuphangiweyo; uma imfuyo yanda, ningayibeki inhliziyo kuyo.


Uyini umuntu ukuba umkhulise, nokuba ubeke inhliziyo yakho kuye,


Ngesikhathi sokufa kwakhe abesifazane ababemi kuye bathi kuye: “Ungesabi, ngokuba ubelethe indodana.” Kepha akaphendulanga, akakunakanga.


wathi kubo: “Bekani inhliziyo yenu kuwo onke amazwi engiwafakazela kini namuhla, eniyakuyala ngawo abantwana benu ukuba baqaphele ukuwenza amazwi onke alo mthetho.


Kepha onganakanga izwi likaJehova washiya izinceku zakhe nemfuyo yakhe endle.


Izanusi zaseGibithe zenze njalo ngemilingo yazo, yaze yaba lukhuni inhliziyo kaFaro; kabalalelanga, njengalokho eshilo uJehova.


AbaseGibithe bemba nxazonke zomfula ukuthola amanzi okuphuza, ngokuba babengenakuphuza amanzi asemfuleni.


Yena owalesaba izwi likaJehova phakathi kwezinceku zikaFaro wazenza izinceku zakhe nezinkomo zakhe ukuba zibalekele ezindlini.


Ubusisiwe umuntu owesaba njalo, kepha oyenza lukhuni inhliziyo yakhe uyakuwela ebubini.


Wathi wena: ‘Ngiyakuba yinkosikazi njalonjalo.’ Ngalokho awubekanga lezi zinto enhliziyweni yakho, awukhumbulanga ukugcina kwazo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite