Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 7:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 UJehova usho kanje, uthi: Ngalokhu uyokwazi ukuthi nginguJehova: bheka, ngenduku esesandleni sami ngiyakushaya phezu kwamanzi asemfuleni, aphenduke igazi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 Uthi-ke uSimakade: ngalokhu uzokwazi ukuthi nginguSimakade. Uyabona-ke, ngale nduku engiyiphethe ngesandla, ngiyoshaya amanzi omfula iNayili, ayophenduka igazi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Itsho njalo iNkosi: Ngalokhu lizakwazi ukuthi mina ngiyi Nkosi: khangela, ngizatshaya ngentonga esesandleni sami phezu kwamanzi oMfula iNayile, aphenduke abe yigazi.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 7:17
30 Referans Kwoze  

Kuzakuthi-ke uma bengayikukholwa nayilezi zibonakaliso ezimbili, bengalaleli izwi lakho, uyakukha amanzi omfula, uwathele emhlabathini owomileyo; amanzi owakha emfuleni ayakuphenduka igazi emhlabathini owomileyo.”


AbaseGibithe bayokwazi ukuthi nginguJehova, nxa ngelula isandla sami phezu kweGibithe, ngikhiphe abantwana bakwa-Israyeli phakathi kwabo.”


Wathi uFaro: “Ngubani uJehova ukuba ngilalele izwi lakhe, ngimyeke u-Israyeli ukuba ahambe na? Angimazi uJehova, futhi angiyikumvumela u-Israyeli ukuba ahambe.”


Bayakwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wabo ngokubathumba kwami phakathi kwezizwe, nangokuba ngababutha ezweni lakubo; angisayikushiya muntu wabo khona;


Ngiyakuzenza mkhulu, ngizingcwelise, ngizazise emehlweni ezizwe eziningi, zazi ukuthi nginguJehova.’


UJehova uzazisile, wahlulela; umcuphile omubi emsebenzini wezandla zakhe. Higayoni.* Sela*


Banamandla laba okuvala izulu ukuba lingani ngezinsuku zokuprofetha kwabo, futhi banamandla phezu kwamanzi okuwaphendula igazi nawokushaya umhlaba ngezinhlupho zonke, noma kungaba kangaki ngokuthanda kwabo.


Ingelosi yesibili yayisibetha; kwangathi intaba enkulu ivutha umlilo, yaphonswa elwandle; okwesithathu kolwandle kwaba yigazi,


kepha uziphakamisile eNkosini yasezulwini; balethe izitsha zendlu yakhe phambi kwakho; wena nezinduna zakho, nawomkakho, nezancinza zakho niphuzile iwayini ngazo, utusile wena onkulunkulu besiliva, nabegolide, nabethusi, nabensimbi, nabomuthi, nabetshe abangaboni, abangezwa, abangazi; kodwa uNkulunkulu omphefumulo wakho usesandleni sakhe, nokungezakhe zonke izindlela zakho awumdumisanga.


waxoshwa kubantwana babantu; inhliziyo yakhe yaba njengeyezilwane, nenhlalo yakhe yayinezimbongolo zasendle; wadliswa utshani njengezinkabi, nomzimba wakhe wamanziswa ngamazolo ezulu, waze wazi ukuthi uNkulunkulu oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ubeka phezu kwayo amthandayo.


Kalokhu-ke mina Nebukadinesari ngiyatusa, ngiyaphakamisa, ngiyidumisa iNkosi yezulu, ngokuba yonke imisebenzi yayo iyiqiniso, nezindlela zayo zingukwahlulela; abahamba ngokuzidla inamandla okubathobisa.


uyakuxoshwa kubantu, inhlalo yakho ibe nezilwane zasendle, udliswe utshani njengezinkabi, kudlule phezu kwakho izikhathi eziyisikhombisa, uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.”


“ ‘Kunqunyiwe ngesimemezelo sabalindi nangesiyalezo sezwi labangcwele ukuba abaphilayo bazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo, amise phezu kwayo ophansi phakathi kwabantu.’


Lapho ngiyakwenza izwe laseGibithe libe yincithakalo nehlane, izwe elingasenokugcwala kwalo, lapho ngibulala bonke abakhe kulo, khona bayakwazi ukuthi nginguJehova.’


Ngiyakwenza-ke izahlulelo eGibithe, bazi ukuthi nginguJehova.’ ”


Bayakwazi ukuthi nginguJehova, lapho sengiphembe umlilo eGibithe, bachotshozwe bonke abasizi balo.


Izwe laseGibithe liyakuba yincithakalo nehlane, bazi ukuthi nginguJehova, ngokuba wathi: “Umfula ungowami, mina ngiwenzile.”


Waphendula amanzi abo aba yigazi; wabhubhisa izinhlanzi zabo.


bazi ukuthi nguwe wedwa ogama lakho linguJehova; ungoPhezukonke emhlabeni wonke.


Waphendula lapho imifula yabo nemifudlana yabo yaba yigazi, ukuze bangabi nakuphuza.


Manje, Jehova Nkulunkulu wethu, ake usisindise esandleni sakhe ukuba yonke imibuso yomhlaba yazi ukuthi wena Jehova unguNkulunkulu, yebo, wena wedwa.”


Wayesesondela umuntu kaNkulunkulu, wathi enkosini yakwa-Israyeli: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Ngokuba ama-Aramu eshilo ukuthi uJehova ungunkulunkulu wezintaba, kasiye unkulunkulu wezigodi, ngiyakusinikela sonke lesi sixuku esikhulu esandleni sakho, nize nazi ukuthi nginguJehova.’ ”


Ngiyakunithatha nibe yisizwe sami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu; niyokwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu onikhipha emithwalweni yabaseGibithe.


UFaro wayesebayala abantu bakhe bonke, ethi: “Bonke abafana abazalwayo anobaphonsa emfuleni, kepha amantombazana niwasindise onke.”


OMose no-Aroni base bekwenza-ke njengalokho uJehova ebayalile; waphakamisa induku, washaya amanzi asemfuleni emehlweni kaFaro nasemehlweni ezinceku zakhe; onke amanzi asemfuleni aphenduka igazi.


ukuze utshele indodana yakho ezindlebeni nendodana yendodana yakho lokho engikwenzele iGibithe, nezibonakaliso zami engizenzile phakathi kwabo, nize nazi ukuthi nginguJehova.”


Ngiyakwenza impindiselo enkulu kubo ngezijeziso ezifuthayo, bazi ukuthi nginguJehova, lapho ngibeka impindiselo yami kubo.’ ”


Ngiyakuliminzisa izwe lokukhukhula kwakho ngegazi lakho kuze kube sezintabeni, imifudlana igcwale ngawe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite