Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 5:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 UMose wayesebuyela kuJehova, wathi: “Nkosi, wenzeleni okubi kulaba bantu na? Ungithumeleni mina na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 UMose wabuyela kuSimakade, wathi: “Nkosi, yini wenze okubi kulaba bantu na? Ungithumeleni mina kubo na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 UMose wabuyela kuJehova, wathi: “Nkosi, ubancenge kabi laba bantu na? ungithumeleni?

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 5:22
12 Referans Kwoze  

Wangiyenga, Jehova, ngayengeka; wawunamandla kunami, wangahlula. Ngibe yinhlekiso usuku lonke, bonke bangiklolodela.


Ngokuba umbono usengowesikhathi esimisiweyo; uphuthuma ekupheleni, awuyikukhohlisa; noma ulibala, wulindele, ngokuba uyakufika nokufika, awuyikwephuza.


Nginobani ezulwini na? Uma nginawe, angifuni lutho emhlabeni.


Wathi: “Ngishisekele nokushisekela uJehova uNkulunkulu Sebawoti, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli balahlile isivumelwano sakho, badilizile ama-altare akho, babulele abaprofethi bakho ngenkemba, kusele mina ngedwa; sebefuna umphefumulo wami ukuba bawususe.”


Kodwa yena wahamba ibanga losuku ehlane, waya wahlala phansi konwele, wacela enhliziyweni yakhe ukuba afe, wathi: “Sekwanele; manje, Jehova, sale usuthatha umphefumulo wami, ngokuba angilungile kunawobaba.”


UDavide wayehlupheka kakhulu, ngokuba abantu bekhuluma ngokumkhanda ngamatshe, lokhu izinhliziyo zabo bonke abantu zazinomunyu, kwaba yilowo nalowo ngenxa yamadodana akhe namadodakazi akhe; kepha uDavide waziqinisa kuJehova uNkulunkulu wakhe.


UMose wathi kuJehova: “Uyiphatheleni kabi inceku yakho na? Angifumananga ngani umusa emehlweni akho ukuba ubeke umthwalo wabo bonke laba bantu phezu kwami na?


UMose wayesekhala kuJehova, ethi: “Ngizakwenzani kulaba bantu na? Sekukancane ukuba bangikhande ngamatshe.”


Ulungile wena Jehova, noma ngimelana nawe; ngiyakukhuluma nawe ngokwahlulela: iphumelelani indlela yababi, kungani ukuba babe nokuthula abakhohlisa nokukhohlisa, na?


Ngase ngithi: “Awu, Nkosi Jehova, ubakhohlisile nokubakhohlisa laba bantu neJerusalema ngokuthi: ‘Niyakuba nokuthula;’ nokho inkemba ifinyelele emphefumulweni.”


UJoshuwa wathi: “Maye, Nkosi Nkulunkulu! Ubaweliseleni iJordani nakanye laba bantu ukuba usinikele esandleni sama-Amori, usibhubhise, na? Sengathi nga saneliswa ukuhlala ngaphesheya kweJordani!


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite