Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 5:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Ngasemuva oMose no-Aroni bafika, bathi kuFaro: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Bavumele abantu bami ukuba bahambe, bangenzele umkhosi ehlane.’ ”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Emveni kwalokho, uMose no-Aroni baya kuFaro, bathi kuye: “Usho kanje uSimakade, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Dedela abantu bami bahambe, ukuze bayogubha umkhosi wami ehlane.’ ”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 OMose no-Aroni bangena, bathi kuFaro: “Isho kanje iNkosi, uNkulunkulu ka-Israyeli, ithi: Bavumele abantu bami bahambe, bangenzele umkhosi ehlane.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 5:1
26 Referans Kwoze  

UMose wathi: “Siyakuhamba nabasha bethu, nabadala bethu, namadodana ethu, namadodakazi ethu, nezimvu zethu, nezinkomo zethu, ngokuba sinomkhosi kaJehova.”


Manje-ke, Nkosi, bheka ukusongela kwabo, unike izinceku zakho ukuba zikhulume izwi lakho ngaso sonke isibindi


Wayesethi u-Ahabi ku-Eliya: “Usungitholile wena sitha sami na?” Wathi: “Ngikutholile, ngokuba uzithengisile ukwenza okubi emehlweni kaJehova.


“Bayakulalela izwi lakho; uyakufika wena kanye namalunga akwa-Israyeli enkosini yaseGibithe, nithi kuyo: ‘UJehova, uNkulunkulu wamaHeberu, uhlangene nathi; ake sihambe manje ibanga lezinsuku ezintathu, siye ehlane, sihlabele uJehova uNkulunkulu wethu.’


Njalo-ke masigubhe umkhosi, kungabi ngemvubelo endala, kungabi ngemvubelo yokushinga neyobubi, kodwa kube ngesinkwa esingenamvubelo sobuqotho neseqiniso.


Ningabesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa nomphefumulo nomzimba esihogweni.


Niyakuyiswa nangaphambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo nakwabezizwe.


Wena ndodana yomuntu, ungabesabi, ungesabi namazwi abo, noma amakhakhasi nameva kukuwe, uhlezi phakathi kwawofezela; ungawesabi amazwi abo, ungapheli amandla ngobuso babo, ngokuba bayindlu ehlubukayo.


UJehova Sebawoti uyakwenzela abantu bonke idili lokukhulupheleyo kule ntaba, idili lewayini elinenhlese, okukhulupheleyo okunomnkantsha, iwayini elinenhlese elicwengekileyo.


Ngiyakukhuluma ngobufakazi bakho phambi kwamakhosi, ngingajabhi.


Ngiyakutshela: “Yiyeke indodana yami ukuba ihambe ingikhonze,” kepha awuyiyekanga; bheka, sengiyakubulala indodana yakho, izibulo lakho.’ ”


“Ngena ukhulume kuFaro inkosi yaseGibithe ukuba ivumele abantwana bakwa-Israyeli ukuphuma ezweni lakhe.”


Yibo labo ababekhuluma kuFaro inkosi yaseGibithe ukuba akhiphe abantwana bakwa-Israyeli eGibithe; yibo oMose no-Aroni.


Wothi kuye: ‘UJehova, uNkulunkulu wamaHeberu, ungithume kuwe, uthi: Bavumele abantu bami ukuba bahambe bangikhonze ehlane; bheka, kuze kube manje awulalelanga.


UJehova wayesethi kuMose: “Ngena kuFaro, uthi kuye: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bavumele abantu bami ukuba bahambe, bangikhonze.


UJehova wayesethi kuMose: “Vuka ekuseni kusasa, ume phambi kukaFaro; bheka, uyaphuma ukuya emanzini; thana kuye: ‘UJehova usho kanje, uthi: Bavumele abantu bami ukuba bahambe bangikhonze.


Ngalokho uma ngifumene umusa emehlweni akho, ake ungibonise izindlela zakho ukuba ngikwazi, ukuze ngifumane umusa emehlweni akho, ubhekisise ukuthi lesi sizwe singabantu bakho.”


Wena uyakukhuluma konke engikuyala ngakho; u-Aroni umfowenu uyakukhuluma kuFaro ukuba abavumele abantwana bakwa-Israyeli ukuphuma ezweni lakhe.


UJehova wayesethi kuMose: “Yisho ku-Aroni, uthi: ‘Yelula induku yakho, ushaye uthuli lomhlabathi, lube ngomiyane ezweni lonke laseGibithe.’ ”


Benze njalo-ke; u-Aroni welula isandla sakhe nenduku yakhe, washaya uthuli lomhlabathi, lwaba ngomiyane kubantu nasezinkomeni; uthuli lonke lomhlabathi lwaba ngomiyane ezweni lonke laseGibithe.


Siyakuhamba ibanga lezinsuku ezintathu, siye ehlane, sihlabele uJehova uNkulunkulu wethu, njengalokho ezakusiyala.”


UJehova wayesethi kuMose: “Ngena kuFaro, umtshele ukuthi: ‘Usho kanje uJehova, uNkulunkulu wamaHeberu, uthi: Bavumele abantu bami ukuba bahambe, bangikhonze.


Ngokuba uma wenqaba ukuba bahambe usababambile,


OMose no-Aroni bangena-ke kuFaro, bathi kuye: “Usho kanje uJehova, uNkulunkulu wamaHeberu, uthi: ‘Koze kube nini wenqaba ukuzithoba phambi kwami na? Bavumele abantu bami ukuba bahambe, bangikhonze.


Ngokuba uma wenqaba ukuba abantu bami bahambe, bheka, ngomuso ngizakuletha isikhonyane ezweni lakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite