Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 40:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “Uthabathe amafutha okugcoba, uligcobe itabernakele nakho konke okukulo, ulingcwelise kanye nempahla yalo yonke, libe ngcwele.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 “Uyakuthatha amafutha okugcoba, ugcobe ithabanakeli nakho konke okukulo, ulingcwelise nayo yonke impahla yalo, ukuze libe ngcwele.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Uthabathe amafutha okugcoba, uligcobe itabernakele nakho konke okukulo, ulingcwelise kanye nazo zonke izinto zalo, libe ngcwele.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 40:9
16 Referans Kwoze  

UMose wathatha amafutha okugcoba, waligcoba itabernakele* nakho konke okuphakathi kwalo, wakungcwelisa.


Kwathi ngosuku uMose aqeda ngalo ukumisa itabernakele,* waligcoba, walingcwelisa kanye nayo yonke impahla yalo, ne-altare, nazo zonke izitsha zalo, wazigcoba, wazingcwelisa,


Nina ninokugcotshwa okuvela koNgcwele, niyazi nonke.


owasibeka nophawu nowasipha isibambiso esinguMoya ezinhliziyweni zethu.


osiduduza osizini lwethu lonke, ukuze nathi sibe namandla okududuza abasosizini, nolunjani, ngenduduzo esiduduzwa ngayo nathi nguNkulunkulu.


Ngokuba lowo uNkulunkulu amthumileyo ukhuluma amazwi kaNkulunkulu; ngokuba akaniki uMoya ngokulinganisela.


UJesu esebhapathiziwe wakhuphuka masinyane emanzini; bheka, izulu lavuleka, wabona uMoya kaNkulunkulu ehla njengejuba, eza phezu kwakhe.


UMoya weNkosi uJehova uphezu kwami, ngokuba uJehova ungigcobile ukuba ngishumayele izindaba ezinhle kwabathotshisiweyo; ungithumele ukubopha abanhliziyo ezaphukileyo, nokumemezela ukukhululwa kwabathunjwa nokuvulelwa kweziboshwa itilongo,


UMoya kaJehova uyakuhlala phezu kwakhe, umoya wokuhlakanipha nowokuqonda, umoya wamasu nowamandla, umoya wokwazi nowokumesaba uJehova.


Ukuthandile ukulunga, wakuzonda okubi: ngakho-ke uNkulunkulu, uNkulunkulu wakho, ukugcobile ngamafutha enjabulo ngokungaphezu kwabangane bakho.


i-altare lethusi, nehele lalo lethusi, nezinti zalo, nezinto zonke zalo, nomcengezi nesinqe sawo;


Wawenza amafutha angcwele okugcoba, nempepho enhle yamakha athaphukayo, ngokobungcweti bomthaki.


Netabernakele* futhi, nezitsha zonke zenkonzo wakufafaza kanjalo ngegazi.


Ulungise igceke nxazonke, ulengise iveli lesango legceke.


Wawuyikherubi* eligcotshiweyo elisibekelayo; ngakubeka, waba sentabeni engcwele kaNkulunkulu, wahamba phakathi kwamatshe omlilo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite