Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 40:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Wofaka khona umphongolo wobufakazi, uwuhenqele umphongolo ngesihenqo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Uyakufaka kulo umphongolo wesivumelwano, bese uwuhenqela umphongolo ngesihenqo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ufake kulo umphongolo wobufakazi, umboze umphongolo ngesihenqo.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 40:3
16 Referans Kwoze  

Nxa ikamu* lisuka, u-Aroni uyakungena kanye namadodana akhe, behlise iveli lesihenqo, basibekele umphongolo wobufakazi ngalo,


umphongolo nezinti zawo, nesihlalo somusa, nesihenqo seveli;


Kwase kuvulwa ithempeli likaNkulunkulu elisezulwini, kwabonakala umphongolo wesivumelwano sakhe ethempelini lakhe; kwase kuba khona imibani, namazwi, nokuduma, nokuzamazama komhlaba, nesichotho esikhulu.


athabathe kulo igazi lenkunzi, afafaze ngalo isihlalo somusa ngasempumalanga ngomunwe wakhe, nangaphambi kwesihlalo somusa afafaze ngegazi kasikhombisa ngomunwe wakhe.


Ngiyakuhlangana nawe khona, ngikhulume nawe, ngiphezu kwesihlalo somusa emkhathini wamakherubi amabili aphezu komphongolo wobufakazi, ngakho konke engiyakukuyala ngakho ukuba ubatshele abantwana bakwa-Israyeli.


“Uyakwenza isihenqo ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, libe namakherubi,* kube ngumsebenzi wengcweti,


“Bayakuwenza umphongolo ngomuthi womtholo, ubude bawo bube yizingalo ezimbili nenxenye, ububanzi bawo bube yingalo nenxenye, nokuphakama kwawo kube yingalo nenxenye.


ngasemva kwesihenqo sesibili kwakukhona itabernakele* elithiwa elingcwelengcwele,


ngokuba angihlalanga ndlu kusukela osukwini engakhuphula ngalo u-Israyeli kuze kube namuhla, kepha ngangisematendeni, nasematabernakele* ngamatabernakele.


itende lokuhlangana, nomphongolo wobufakazi, nesihlalo somusa esiphezu kwawo, nezimpahla zonke zetende,


UMose wakhuluma kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, wathi: “Yile nto ayale ngayo uJehova, ethi:


Njalo-ke kwaqedwa wonke umsebenzi wetabernakele* letende lokuhlangana; abantwana benza njengakho konke uJehova amyale ngakho uMose; benze njalo-ke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite