Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 40:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Ngosuku lokuqala lwenyanga yokuqala wolimisa itabernakele* letende lokuhlangana.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 “Ngosuku lokuqala lwenyanga yokuqala uyakulimisa ithabanakeli lethende lokuhlangana.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngosuku lokuqala lwenyanga yokuqala uyakumisa itende lokuhlangana.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 40:2
21 Referans Kwoze  

“Wolimisa itabernakele njengesifanekiso salo owaboniswa sona entabeni.


Namuhla niyaphuma, ngenyanga ka-Abibi.


Kwathi ngosuku uMose aqeda ngalo ukumisa itabernakele,* waligcoba, walingcwelisa kanye nayo yonke impahla yalo, ne-altare, nazo zonke izitsha zalo, wazigcoba, wazingcwelisa,


UJehova wakhuluma kuMose ehlane laseSinayi etendeni lokuhlangana ngolokuqala lwenyanga yesibili ngomnyaka wesibili emva kokuphuma kwabo eGibithe, wathi:


“Ubeke i-altare lomnikelo wokushiswa phambi komnyango wetabernakele letende lokuhlangana.


Wazenza izinkibaniso ezingamashumi ayisihlanu zethusi zokuhlanganisa itende libe linye.


itabernakele,* netende lalo, nesifulelo salo, nezinkibaniso zalo, namapulangwe alo, nemishayo yalo, nezinsika zalo, nezinyawo zalo;


ucolisise enye, uyibeke phambi kobufakazi etendeni lokuhlangana, lapho ngiyakuhlangana khona nawe, ibe ngcwelengcwele kini.


Etendeni lokuhlangana ngaphandle kwesihenqo esiphambi kobufakazi u-Aroni namadodana akhe bayakuziphatha kwasekuhlweni kuze kuse phambi kukaJehova; kuyakuba yisimiso sabantwana bakwa-Israyeli kuze kube phakade ezizukulwaneni zabo.


“Wenze izilenge ngoboya bezimbuzi, zibe yitende phezu kwetabernakele, uzenze zibe yizilenge eziyishumi nanye.


“Wolenza itabernakele* ngezilenge eziyishumi; zona wozenza ngelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo nangokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, zibe namakherubi,* kube ngumsebenzi wengcweti.


Ngenyanga yesithathu emva kokuphuma kwabantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe, ngalona lolo suku, bafika ehlane laseSinayi.


UJehova wakhuluma kuMose, wathi:


UJehova wakhuluma kuMose ehlane laseSinayi ngenyanga yokuqala yomnyaka wesibili, sebephumile ezweni laseGibithe, wathi:


Ngosuku itabernakele* elamiswa ngalo ifu lalisibekela itabernakele, itende lobufakazi; ngakusihlwa laliphezu kwetabernakele njengokubonakala komlilo kwaze kwaba sekuseni.


ngokuba angihlalanga ndlu kusukela osukwini engakhuphula ngalo u-Israyeli kuze kube namuhla, kepha ngangisematendeni, nasematabernakele* ngamatabernakele.


Ngomnyaka wokuqala wokubusa kwakhe ngenyanga yokuqala wavula izivalo zendlu kaJehova, wazilungisa.


Ngomnyaka wamashumi amabili nanhlanu, wokuthunjwa kwethu ekuqaleni komnyaka, ngolweshumi lwenyanga, ngomnyaka weshumi nane, emva kokunqotshwa komuzi, ngalona lolo suku, isandla sikaJehova sasiphezu kwami, wangiyisa khona.


“ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngenyanga yokuqala, ngolokuqala lwenyanga, uyakuthatha inkunzi, iduna elingenasici, uhlambulule indlu engcwele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite