Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 4:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Uyakukhuluma kuye, ufake amazwi emlonyeni wakhe; ngizakuba nomlomo wakho nomlomo wakhe, nginifundise lokho eniyakukwenza.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 Uyokhuluma naye, umtshele amazwi azowakhuluma ngomlomo wakhe, ngizokuba semlonyeni wakho nakowakhe, nginifundise enizokwenza.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Kumelwe ukhulume naye ufake amazwi emlonyeni wakhe; futhi ngizoba nomlomo wakho nomlomo wakhe futhi nginifundise okufanele nikwenze.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 4:15
24 Referans Kwoze  

Ngiwabekile amazwi ami emlonyeni wakho, ngikusibekele emthunzini wesandla sami, ukuze ngiwatshale amazulu, ngisibeke isisekelo somhlaba, ngithi kulo iSiyoni: ‘Wena uyisizwe sami.’ ”


ngokuba mina ngiyakuninika umlomo nokuhlakanipha abangemelane nakho, bakuphike, bonke abayimpi kini.


Ngiyakubavusela umprofethi onjengawe phakathi kwabafowabo, ngibeke amazwi ami emlonyeni wakhe, akhulume kubo konke engimyala ngakho.


UJehova wayesehlangana noBileyamu, wafaka izwi emlonyeni wakhe, wathi: “Buyela kuBalaki, ukhulume kanje.”


Waphendula wathi: “Angiyikuqaphela ukukhuluma lokhu uNkulunkulu akufakile emlonyeni wami na?”


UJehova wafaka izwi emlonyeni kaBileyamu, wathi: “Buyela kuBalaki, ukhulume kanje.”


UJehova wayeselula isandla sakhe, wawuthinta umlomo wami; uJehova wathi kimi: “Bheka, ngibekile amazwi ami emlonyeni wakho.


“Mina-ke, lokhu kuyisivumelwano sami nabo,” usho uJehova, “sokuthi umoya wami ophezu kwakho namazwi ami engiwabeke emlonyeni wakho akuyikusuka emlonyeni wakho, nasemlonyeni wenzalo yakho, nasemlonyeni wenzalo yenzalo yakho,” usho uJehova, “kusukela manje kuze kube phakade.”


nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke kuze kube sekupheleni kwezwe.”


ungene enkosini, ukhulume kuyo ngalendlela.” UJowabe wayesemfunza amazwi emlonyeni wakhe.


UBileyamu wathi kuBalaki: “Bheka, sengifikile kuwe, anginamandla nokho manje okukhuluma utho. Izwi uNkulunkulu alifaka emlonyeni wami, ngiyakukhuluma lona.”


Ngalokho hamba; ngizakuba nomlomo wakho, ngikufundise lokho ozakukukhuluma.”


Ngokuba mina ngakwamukela eNkosini lokho, nenganinika khona, ukuthi: INkosi uJesu, ngalobo busuku akhashelwa ngabo wathabatha isinkwa,


Kepha wena, yima lapha ngakimi, ngikhulume kuwe yonke imiyalo, nezimiso, nezahlulelo oyakubafundisa khona ukuba bakwenze ezweni engibanika lona ukuba balidle.’


Kepha, bazalwane, ngiyanikhumbuza ivangeli enganishumayeza lona nenalamukelayo nenimi kulo,


Wathi: “Ngizakuba nawe ngempela; lokhu kuyakuba luphawu kuwe ukuthi ngikuthumile; nxa ukhiphile isizwe eGibithe, niyakumkhonza uNkulunkulu kule ntaba.”


UMose wamtshela u-Aroni onke amazwi kaJehova amthume nawo, nezibonakaliso zonke amyale ngazo.


u-Aroni wakhuluma onke amazwi uJehova awakhulume kuMose, wazenza izibonakaliso emehlweni abantu.


UMose wathi: “Niyakwazi ngalokhu ukuthi uJehova ungithumile ukwenza yonke le misebenzi, ngokuba angiyenzanga ngowami umqondo.


Mbize uJese ekuhlabeni; ngiyakukwazisa ukuthi uyakwenzani: uyakungigcobela lowo engiyakumusho kuwe.”


Nkosi, vula izindebe zami, ukuze umlomo wami ulande ngodumo lwakho.


UJeremiya wayesethatha omunye umqulu, wawunika uBaruki umbhali, indodana kaNeriya, owaloba kuwo, ewathatha emlonyeni kaJeremiya onke amazwi encwadi uJehoyakimi inkosi yakwaJuda ayeyishisile ngomlilo; kwathasiselwa kuwo amanye amazwi amaningi anjengawo.


Ngumuphi umuntu omesaba uJehova na? Nguyena oyakufundiswa nguye indlela ayakuyikhetha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite