Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 39:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Base bebopha isihlangu sesifuba ngamasongo aso emasongweni engubo yamahlombe ngentambo eluhlaza ukuba sibe phezu kwebhande* elifekethisiweyo lengubo yamahlombe, ukuze isihlangu sesifuba singakhumuki engutsheni yamahlombe, njengalokho uJehova emyalile uMose.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 Base bebopha isivikelo sesifuba ngamasongo aso, emasongweni engubo yamahlombe basibopha ngentambo eluhlaza okwesibhakabhaka ukuba sibe phezu kwebhande elihlotshisiweyo lengubo yamahlombe, ukuze singakhumuki kuyo, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Basibophela isihlangu sesifuba emasongweni aso emasongweni e-efodi ngentambo ebubende, ukuze sibe phezu kwebhande lasehlombe le-efodi, ukuze isihlangu sesifuba singahlukani nengubo yamahlombe; njengalokho uJehova emyalile uMose.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 39:21
7 Referans Kwoze  

kodwa izinto zobuwula zezwe uNkulunkulu uzikhethile ukuba ajabhise abahlakaniphileyo; nezinto ezibuthakathaka zezwe uNkulunkulu uzikhethile ukuba ajabhise izinto ezinamandla;


Ngokuba ubuwula bukaNkulunkulu buhlakaniphile kunabantu; nobuthakathaka bukaNkulunkulu bunamandla kunabantu.


Khona uJesu wathi kubafundi bakhe: “Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele.


namatshe amashohamu,* namatshe okufakwa, awengubo yamahlombe nawesihlangu sesifuba.


Ibhande* elalukiweyo elikuyo lokuyikhwica liyakuba njengomsebenzi wayo, libe kunye nayo, ngegolide, nangokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo.


Bawenza amasongo amabili egolide, bawafaka ezizibeni zombili zengubo yamahlombe phansi ngaphambili, eduze nokuhlangana kwayo, phezu kwebhande* elifekethisiweyo lengubo yamahlombe.


Walenza ijazi lengubo yamahlombe ngokwalukiweyo, ngokuluhlaza lonke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite