Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 34:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 UJehova wehla ngefu, wema naye lapho, wamemezela igama likaJehova.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 USimakade wehla ngefu, wama naye lapho, wamemezela igama likaSimakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 INkosi yehla ngeyezi yema lapho kanye naye, yabiza iGama leNkosi.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 34:5
16 Referans Kwoze  

Wathi: “Ngiyakudlulisa phambi kwakho ubuhle bami, ngilimemezele igama likaJehova phambi kwakho, ngibe nomusa kuyena engithanda ukuba nomusa kuye, ngibe nesihe kuyena engithanda ukuba nesihe kuye.”


UJehova wehla ngefu, wakhuluma kuye, wathabatha okomoya ophezu kwakhe, wakubeka kumalunga angamashumi ayisikhombisa; kwathi umoya esahlezi kuwo, aprofetha, kepha awaze akuphinda.


Kwathi uMose engena etendeni, insika yefu yehla, yema ngasemnyango wetende; uJehova wakhuluma noMose.


Ngiyakwehla, ngikhulume nawe khona, ngithathe okomoya ophezu kwakho, ngikubeke kuwo; ayakuthwala umthwalo wabantu kanye nawe, ukuze ungawuthwali wedwa.


Yizwani izwi likaJehova nina babusi baseSodoma, nibeke indlebe ekufundiseni kukaNkulunkulu wethu nina bantu baseGomora.


Igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla; olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.


ukuze kumenyezelwe eSiyoni igama likaJehova nodumo lwakhe eJerusalema,


ngokuba ngiyakumemezela igama likaJehova: mnikeni uNkulunkulu wethu ubukhulu.


Yonke intaba yaseSinayi yathunqa umusi, ngokuba uJehova wehlela phezu kwayo ngomlilo; umusi wayo wenyuka njengomusi wesithando; intaba yonke yazamazama kakhulu.


“Kalokhu ake abe makhulu amandla eNkosi njengokusho kwakho ukuthi:


UJehova wathi kuMose: “Bheka, ngiza kuwe ngefu elinzima ukuba abantu bezwe, nxa ngikhuluma nawe, bakholwe nguwe kuze kube phakade.” UMose walandisa uJehova amazwi abantu.


Yiqaphele, ulalele izwi layo, ungayicunuli, lokhu ayiyikuthethelela iziphambeko zenu, ngokuba igama lami likuyo.


UJehova wehla esensikeni yefu, wema ngasemnyango wetende, wabiza o-Aroni noMiriyamu; baphuma bobabili.


USamuweli wayesemtshela konke, akamfihlelanga lutho. Wathi: “NguJehova; makenze okuhle emehlweni akhe.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite