Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 33:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Hamba wenyuke lapha, wena nabantu obakhuphulile ezweni laseGibithe, uye ezweni engalifungela ku-Abrahama, naku-Isaka, nakuJakobe, ngathi: ‘Ngiyakulinika inzalo yakho.’

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 USimakade wathi kuMose: “Hamba, suka kule ndawo, wena nabantu owabakhipha eGibhithe, niye ezweni engafunga ngalo ku-Abhrahama, no-Isaka, noJakobe, ngathi: ‘Ngiyolinika izizukulwane zakho.’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 INkosi yasisithi kuMozisi: Hamba usuke lapho, wena labantu owabakhupha elizweni leGibhithe, uye elizweni engalifungela uAbrahama, uIsaka loJakobe, ngathi: Kuwe. Inzalo ngiyakuyinika;

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 33:1
18 Referans Kwoze  

UJehova wabonakala ku-Abrama, wathi: “Leli zwe ngiyakulinika inzalo yakho.” Wamakhela khona i-altare uJehova owayebonakele kuye.


Khumbula o-Abrahama, no-Isaka, no-Israyeli, izinceku zakho, owazifungela kubo, wathi kubo: ‘Ngiyakwandisa inzalo yenu ibe ngangezinkanyezi zezulu, nginike inzalo yenu lonke leli zwe engikhulumile ngalo, idle ifa lalo kuze kube phakade.’ ”


UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Hamba wehle, ngokuba abantu bakho owabakhuphula ezweni laseGibithe benzile isono;


ugogobale kuleli zwe; ngizakuba nawe, ngikubusise, ngokuba ngiyakunika wena nenzalo yakho onke lawa mazwe, ngigcwalise isifungo engasifunga ku-Abrahama uyihlo.


Kalokhu hamba-ke, uhole abantu, uye kuleyo ndawo engakhuluma ngayo kuwe; bheka, ingelosi yami iyakuhamba phambi kwakho; kepha mhla ngibahambela ngiyakuhambela isono sabo kubo.”


Abantu sebebone ukuthi uMose ulibele ukwehla entabeni, abantu babuthana ku-Aroni, bathi kuye: “Vuka usenzele onkulunkulu abazakuhamba phambi kwethu, ngokuba uMose lowo, umuntu owasikhuphula ezweni laseGibithe, asazi ukuthi wehlelwe yini.”


Abantu bomela khona amanzi; abantu bakhonona ngoMose, bathi: “Usikhuphuleleni eGibithe ukuba usibulale, thina nabantwana bethu nezinkomo zethu ngokoma, na?”


Ngalolo suku uJehova wasenza isivumelwano no-Abrama, wathi: “Ngiyakunika inzalo yakho leli zwe, kusukela emfuleni waseGibithe kuze kube semfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe:


Yena lowo wabakhipha enza izimangaliso nezibonakaliso ezweni laseGibithe, naseLwandle Olubomvu, nasehlane iminyaka engamashumi amane.


Kwaba khona indlala ezweni ngaphandle kwendlala yokuqala eyayikhona emihleni ka-Abrahama; u-Isaka waya eGerari ku-Abimeleki inkosi yamaFilisti.


UJakobe wayesemuka eBeri Sheba, waya eHarana.


Kepha ngishilo kini ukuthi: “Niyakulidla ifa lezwe labo, ngininike lona libe ngelenu, izwe elichichima ubisi nezinyosi,” nginguJehova onahlukanisile nabezizwe.


Ngakhulelwa bonke laba bantu yini, ngabazala, ukuze uthi kimi: ‘Bagone ngasesifubeni sakho njengomondli egona umntwana oncelayo, ubayise ezweni owalifungela oyise,’ na?


Bhekani, ngilibekile izwe phambi kwenu; ngenani nilidle izwe uJehova alifungela oyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe ukulinika bona nenzalo yabo emva kwabo.’


Wayesethi uJosefa kubafowabo: “Mina sengiyafa, kepha uNkulunkulu uzakunihambela nokunihambela, anikhuphule kuleli zwe, aniyise ezweni alifungela o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite