Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 32:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Wawamukela ezandleni zabo, wawabumba ngengwedo, wawenza aba yithole elibunjiweyo, bathi: “Nampa onkulunkulu bakho, Israyeli, abakukhuphula ezweni laseGibithe.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Wawathatha ezandleni zabo, wawancibilikisa, wabumba, waqopha, wenza ithole ngalolo bumba. Abantu bathi: “Nampa onkulunkulu bakho, Israyeli, abakukhuphula eGibhithe.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Wasithatha esandleni sabo, wasenza ngethuluzi lokugcoba, esesenze ithole elibunjiweyo; bathi: Laba bangonkulunkulu bakho, Israyeli, abakukhuphulayo elizweni leGibhithe.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 32:4
36 Referans Kwoze  

Yebo, lapho bezenzele ithole elibunjiweyo bethi: ‘Leli linguNkulunkulu wakho owakukhuphula eGibithe,’ benza izithuko ezinkulu,


Ngase ngibheka, ngabona ukuthi nanonile kuJehova; nanizenzele ithole elibunjiweyo; naniphambukile masinyane endleleni uJehova abeniyale ngayo.


Benza ithole ngaleyo mihla, baletha umhlatshelo esithombeni, bajabula ngemisebenzi yezandla zabo.


baphambukile masinyane endleleni engabayala ngayo. Bazenzele ithole elibunjiweyo, balikhonza, balihlabela, bathi: ‘Nampa onkulunkulu bakho, Israyeli, abakukhuphula ezweni laseGibithe.’ ”


Inkosi isithathe isiluleko, yenza amathole amabili egolide, yathi kubo: “Sekwanele ukuba nikhuphukele eJerusalema; bheka onkulunkulu bakho, Israyeli, abakukhuphula ezweni laseGibithe.”


Manje benezela ekoneni, bazenzele imifanekiso ebunjiweyo ngesiliva labo nezithombe ngokuqonda kwabo, zonke ziyimisebenzi yezinyanga; bakhuluma ngabo, bathi: “Bahlaba abantu, kepha banga amathole.”


“Ngakho lokhu siyinzalo kaNkulunkulu, akufanele ukuba sithi ubuNkulunkulu bufana negolide noma isiliva noma itshe, okuqoshwe ngekhono nangesu lomuntu.


Abakhileyo eSamariya bayakuba novalo ngenxa yamathole aseBeti Aveni, ngokuba abantu balo bayakulila ngawo, abapristi bezithombe bakhale ngawo ngenxa yodumo lwawo ukuthi lumukile kuwo.


Abathulula igolide esikhwameni yini, balinganise isiliva esilinganisweni, baqashe umkhandi wesiliva ukuba enze unkulunkulu, bese bekhothama, bakhuleke, na?


“Manje nithi niyakumelana nobukhosi bukaJehova obusesandleni samadodana kaDavide, lokhu niyisixuku esikhulu, futhi kukhona amathole egolide enenzelwa wona nguJerobowamu ukuba abe ngonkulunkulu benu.


wazimisela abapristi bezindawo eziphakemeyo, nabamademoni, nabamathole awenzileyo.


Aniyikwenza lutho olungaphandle kwami; onkulunkulu besiliva nawonkulunkulu begolide aniyikuzenzela bona.


Kepha akasukanga ekulandeleni izono zikaJerobowamu indodana kaNebati onisa ngazo u-Israyeli, namathole egolide ayeseBethele nakwaDani.


Abantu sebebone ukuthi uMose ulibele ukwehla entabeni, abantu babuthana ku-Aroni, bathi kuye: “Vuka usenzele onkulunkulu abazakuhamba phambi kwethu, ngokuba uMose lowo, umuntu owasikhuphula ezweni laseGibithe, asazi ukuthi wehlelwe yini.”


UJerobowamu wagubha umkhosi ngenyanga yesishiyagalombili ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga njengomkhosi wakwaJuda, wenyukela e-altare; wenze njalo eBethele ukuba ahlabele amathole awenzileyo; wabeka eBethele abapristi bezindawo eziphakemeyo azenzileyo.


Ngomsebenzi womqophi ematsheni, njengokuqoshwa kwendandatho, woqopha amatshe omabili njengokwamagama abantwana bakwa-Israyeli, uwafake azungezwe yizisekelo zegolide.


“Wothatha amatshe amabili amashohamu,* uqophe kuwo amagama abantwana bakwa-Israyeli,


“NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.


Futhi ningabi ngabakhonza izithombe njengabanye kubo, njengokulotshiweyo ukuthi: “Abantu bahlala phansi ukuba badle, baphuze, basukuma ukuba badlale.”


Bonke abantu bakhumula-ke amacici egolide asezindlebeni zabo, bawayisa ku-Aroni.


U-Aroni wakubona, wakha i-altare phambi kwalo; u-Aroni wamemezela wathi: “Kusasa kuzakuba khona umkhosi kaJehova.”


UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Hamba wehle, ngokuba abantu bakho owabakhuphula ezweni laseGibithe benzile isono;


Ngase ngithi kubo: ‘Onalo igolide makalikhumule;’ base benginika lona, ngaliphonsa emlilweni, kwaphuma leli thole.”


UJehova wayesebashaya-ke abantu, ngokuba benza ithole lelo alenzayo u-Aroni.


Wayesethi uJehu: “Mngcweliseleni uBali umhlangano womkhosi.” Bawumemezela-ke.


Niyakujivaza okunamekiweyo kwezithombe zenu ezibaziweyo zesiliva nesimbozo sezithombe zenu ezibunjiweyo zegolide; uyakuzihlakaza njengokungcolileyo, uthi kukho: “Suka lapha.”


Kepha akashiyanga ubufebe bakhe baseGibithe, ngokuba balala naye ebusheni bakhe, bacindezela izingono zobuntombi bakhe, bathulula ubufebe babo phezu kwakhe.


“Ungazenzeli izithombe ezibaziweyo, namfanekiso wokusezulwini ngaphezulu, nowokusemhlabeni phansi, nowokusemanzini phansi komhlaba;


UGideyoni wathi kubo: “Mangicele okuthile kini ukuba ninginike, kube yilowo nalowo amacici empango yakhe.” Babenamacici egolide, lokhu bebengabakwa-Ishmayeli.


UGideyoni wenza ingubo yamahlombe ngakho, wayibeka emzini wakhe e-Ofira; bonke abakwa-Israyeli baya baphinga nayo khona; yaba lugibe kuGideyoni nendlu yakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite