Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 32:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Izibhebhe zazingumsebenzi kaNkulunkulu, nokuloba kwakungukuloba kukaNkulunkulu, kuqoshiwe ezibhebheni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Izibhebhe lezo zazingumsebenzi kaNkulunkulu, nombhalo, ubhalwe nguNkulunkulu, wawuqopha ezibhebheni zamatshe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Izibhebhe zazingumsebenzi kaNkulunkulu, nombhalo wawungumbhalo kaNkulunkulu, uqoshwe ezibhebheni.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 32:16
12 Referans Kwoze  

Eseqedile ukukhuluma noMose entabeni yaseSinayi wamnika izibhebhe zombili zobufakazi, izibhebhe zamatshe, zilotshiwe ngomunwe kaNkulunkulu.


Ngokuba yilesi esiyisivumelwano engiyakusenza nendlu ka-Israyeli emva kwalezo zinsuku, isho iNkosi: ngiyakufaka imithetho yami engqondweni yabo, ngiyilobe ezinhliziyweni zabo, ngibe nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.


nibonakala ukuthi niyincwadi kaKristu eyenziwe ngokukhonza kwethu, ilotshiwe kungengoyinki* kodwa ngoMoya kaNkulunkulu ophilayo, kungabi sezibhebheni zamatshe kodwa ezibhebheni eziyizinhliziyo zenyama.


Kepha uma inkonzo yokufa, enamagama aqoshiwe ematsheni, yafika inenkazimulo, ngangokuba abantwana bakwa-Israyeli babengenakubuka ubuso bukaMose ngenxa yenkazimulo yobuso bakhe eyayingephelayo,


“Ngaleso sikhathi uJehova wathi kimi: ‘Zibazele izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala, ukhuphukele kimi entabeni, uzenzele umphongolo womuthi.


“Ngase ngiphenduka ngehla entabeni, intaba yavutha umlilo; izibhebhe zombili zesivumelwano zazisezandleni zami zombili.


Wayesebaza izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala; uMose wavuka ekuseni kakhulu, wakhuphukela entabeni yaseSinayi, njengalokho uJehova emyalile; waphatha ngesandla sakhe izibhebhe ezimbili zamatshe.


UJehova wathi kuMose: “Zibazele izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala, ngilobe ezibhebheni amazwi ayesezibhebheni zokuqala owazaphulayo.


UMose waphenduka, wehla entabeni enezibhebhe zombili zobufakazi esandleni sakhe, izibhebhe ezazilotshwe nxazombili, zalotshwa ngalapha nangalapha.


UJoshuwa wezwa umsindo wabantu bekhamuluka, wathi kuMose: “Kukhona umsindo wempi ekamu.”*


aqoshwe edwaleni ngepeni lensimbi nangomthofu, kuze kube phakade!


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite