Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 3:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Ngishilo ngathi: Ngiyakunikhuphula ekuhluphekeni kwaseGibithe, nginiyise ezweni lamaKhanani, nelamaHeti, nelama-Amori, nelamaPherizi, nelamaHivi, nelamaJebusi, izwe elichichima ubisi nezinyosi.’

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 ngathi ngizonikhuphula ekuhlushweni ngabaseGibhithe, nginiyise ezweni lamaKhanani, lamaHithi, lama-Amori, lamaPherizi, lamaHivi, nelamaJebusi, izwe elichichima ubisi noju.” ’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ngathi: Ngiyakunikhuphula ekuhluphekeni kwaseGibithe, nginiyise ezweni lamaKhanani, namaHeti, nama-Amori, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, ezweni elichichima ubisi nezinyosi.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 3:17
22 Referans Kwoze  

Wayesethi uJosefa kubafowabo: “Mina sengiyafa, kepha uNkulunkulu uzakunihambela nokunihambela, anikhuphule kuleli zwe, aniyise ezweni alifungela o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.”


“ ‘Nase niwela iJordani, nafika eJeriko; amadoda aseJeriko alwa nani, nama-Amori, namaPherizi, namaKhanani, namaHeti, namaGirigashi, namaHivi, namaJebusi, ngawanikela esandleni senu.


Mina ngiyakwehla, ngiye nawe eGibithe; impela ngizakubuye ngikukhuphule futhi. UJosefa uyakubeka isandla sakhe phezu kwamehlo akho.”


UJosefa wayesefungisa amadodana ka-Israyeli, ethi: “UNkulunkulu uzakunihambela nokunihambela, nina nikhuphule amathambo ami lapha.”


“Ngalokho yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuthi: ‘NginguJehova; ngizakunikhipha emithwalweni yabaseGibithe, nginikhulule ebugqileni benu, nginihlenge ngengalo eyeluliweyo nangezahlulelo ezinkulu.


Kuyakuthi nxa uJehova ekungenisile ezweni lamaKhanani, nelamaHeti, nelama-Amori, nelamaHivi, nelamaJebusi alifungela koyihlo ukukunika lona, izwe elivama ubisi nezinyosi, uyakugcina le nkonzo kule nyanga.


Kalokhu hamba-ke, uhole abantu, uye kuleyo ndawo engakhuluma ngayo kuwe; bheka, ingelosi yami iyakuhamba phambi kwakho; kepha mhla ngibahambela ngiyakuhambela isono sabo kubo.”


uye ezweni elichichima ubisi nezinyosi. Angiyikukhuphuka ngiphakathi kwenu, lokhu ningabantu abantamo ilukhuni, funa nginiqede endleleni.”


Bamtshela bathi: “Safika-ke ezweni owasithuma kulo; ngempela livame ubisi nezinyosi; lokhu kuyizithelo zalo.


Yizwa-ke, Israyeli, uqaphele ukukwenza ukuba kube kuhle kuwe, nande ngamandla, njengalokho uJehova uNkulunkulu wawoyihlo wakuthembisa khona ezweni elivame ubisi nezinyosi.


wasiletha kule ndawo, wasinika leli zwe, izwe elivame ubisi nezinyosi.


Kwathi lapho onke amakhosi ayengaphesheya kweJordani, ezintabeni, nasemathafeni, nasogwini lonke loLwandle Olukhulu olubhekene neLebanoni, amaHeti, nama-Amori, namaKhanani, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, esezwa lokho,


wabanika leli zwe, njengalokho afunga koyise ukubanika lona, izwe elichichima ubisi nezinyosi;


Kepha ngishilo kini ukuthi: “Niyakulidla ifa lezwe labo, ngininike lona libe ngelenu, izwe elichichima ubisi nezinyosi,” nginguJehova onahlukanisile nabezizwe.


Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bahamba iminyaka engamashumi amane ehlane, saze saphela isizwe sonke, yiwo amadoda empi aphuma eGibithe, lokhu engalalelanga izwi likaJehova, afunga kuwo uJehova ukuthi akayikuwabonisa izwe uJehova alifungela oyise ethi uyakusinika lona, izwe elivame ubisi nezinyosi.


namaHivi, nama-Arki, namaSini,


ukuze kumenyezelwe eSiyoni igama likaJehova nodumo lwakhe eJerusalema,


ukuba ngisiqinise isifungo engasifunga koyihlo ukubanika izwe elichichima ubisi nezinyosi’ – njenganamuhla.” Ngase ngiphendula ngithi: “Amen, Jehova.”


Ngalolo suku ngabaphakamisela isandla sami ukuba ngibakhiphe ezweni laseGibithe, ngibayise ezweni engangibafunele lona, lichichima ubisi nezinyosi, elihle kunawo onke amazwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite