Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 3:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 UNkulunkulu wathi futhi kuMose: “Uzakusho njalo kubo abantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘UJehova, uNkulunkulu wawoyihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe, ungithumile kini.’ Yileli eliyigama lami kuze kube phakade, lesi siyisikhumbuzo sami ezizukulwaneni ngezizukulwane.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 UNkulunkulu wabuye wathi kuMose: “Uyakusho kubantu bakwa-Israyeli uthi: ‘USimakade uNkulunkulu woyihlo, uNkulunkulu ka-Abhrahama, uNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe ungithumile kini.’ Leli yigama lami kuze kube phakade, engiyakukhunjulwa ngalo ezizukulwaneni ngezizukulwane.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Futhi uNkulunkulu wathi kuMose: “Uzakusho kanje kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘UJehova uNkulunkulu wawoyihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama, uNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe, ungithumile kini: igama lami. Kuze kube phakade, lesi yisikhumbuzo sami ezizukulwaneni ngezizukulwane.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 3:15
41 Referans Kwoze  

UJesu Kristu nguyena izolo nanamuhla, yebo, naphakade.


“Ngokuba mina Jehova angiguquki; ngalokho nina madodana kaJakobe aniqedwa.


NguJehova uNkulunkulu Sebawoti, nguJehova igama lakhe lodumo.


Ngokuba bonke abantu bahamba, kube yilowo nalowo ngegama likankulunkulu wakhe, kepha thina siyakuhamba ngegama likaJehova uNkulunkulu wethu kuze kube phakade naphakade.


Wathi: “NginguNkulunkulu kayihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe; uMose wasitha ubuso bakhe, ngokuba wesaba ukumbheka uNkulunkulu.”


Ngokuba sizalelwa umntwana, siphiwa indodana; umbuso uyakuba semahlombe akhe, negama lakhe liyakuthiwa uMluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula.


Kepha wena Jehova uyakuhlala kuze kube phakade, nesikhumbuzo sakho ezizukulwaneni ngezizukulwane.


Jehova, igama lakho limi phakade; isikhumbuzo sakho, Jehova, sisezizukulwaneni ngezizukulwane.


‘NginguNkulunkulu wawoyihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka nokaJakobe.’ UMose wathuthumela, akaba nasibindi sokubhekisisa.


UJehova uNkulunkulu wawoyihlo makathasisele kulokhu eniyikho kayinkulungwane, anibusise, njengalokho wakhuluma kini.


ukuba bakholwe ukuthi uJehova, uNkulunkulu wawoyise, uNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe, ubonakele kuwe.


owenza ukuba ingalo yakhe emangalisayo ihambe ngakwesokunene sikaMose, owahlukanisa amanzi phambi kwabo ukuba azenzele igama eliphakade;


Malibongwe igama lakhe lenkazimulo kuze kube phakade, umhlaba wonke ugcwale inkazimulo yakhe. Amen, Amen.


Igama layo liyakuma kuze kube phakade; igama layo liyakuxhanta, lisekhona ilanga; bayakuzibusisa ngayo; bonke abezizwe bayakuthi ibusisiwe.


Kepha kwakukhona lapho umprofethi kaJehova ogama lakhe lalingu-Odedi; waphuma ukuhlangabeza impi eyayiza eSamariya, wathi kubo: “Bhekani, ngokuba uJehova uNkulunkulu wawoyihlo wayethukuthelele uJuda, wabanikela esandleni senu, kepha nina nibabulele ngokufutha okufinyelele nasezulwini.


‘Mina nginguNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe,’ na? Akasiye uNkulunkulu wabafileyo kodwa owabaphilayo.”


“Manje-ke, Israyeli, yizwa izimiso nezahlulelo enginifundisa zona ukuba nizenze, nize niphile, ningene nilidle izwe uJehova uNkulunkulu wawoyihlo aninika lona.


‘Impela akuyikubona noyedwa walaba bantu balesi sizukulwane esibi izwe elihle engafunga ukubanika lona oyihlo,


UNkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka nokaJakobe, uNkulunkulu wawobaba bethu uyidumisile iNceku yakhe uJesu enayikhaphela, nayiphika ebusweni bukaPilatu, yena esenqumile ukuyikhulula;


kepha manje balangazelela elihle kunalelo, okungukuthi elasezulwini. Ngalokho uNkulunkulu akanamahloni ngabo ukuba abizwe ngokuthi uNkulunkulu wabo, ngokuba ubalungisele umuzi.


Yathi: “Jehova, Nkulunkulu wenkosi yami u-Abrahama, ngiphumelelise kahle namuhla, uyenzele inkosi yami u-Abrahama umusa.


UMose wayesethi kuNkulunkulu: “Bheka lapho ngifika kubantwana bakwa-Israyeli, ngithi kubo: ‘UNkulunkulu wawoyihlo ungithumile kini,’ bese bethi kimi: ‘Ngubani igama lakhe?’ ngizakuthini kubo na?”


UMose waphendula wathi: “Kepha bheka, abayikukholwa yimi, bangalaleli izwi lami, ngokuba bayakusho ukuthi: ‘UJehova akabonakalanga kuwe.’ ”


UNkulunkulu wakhuluma kuMose, wathi kuye: “NginguJehova;


UJehova ungamandla ami nehubo lami; waba yinsindiso kimi; unguNkulunkulu wami: ngizakumdumisa, noNkulunkulu kababa: ngizakumphakamisa.


UJehova uyindoda yempi; nguJehova igama lakhe.


indodana yowesifazane wakwa-Israyeli yahlambalaza iGama, yathuka; yalethwa kuMose. Igama likanina lalinguShelomiti indodakazi kaDibiri, owesizwe sakwaDani.


Dumisani uJehova nina enimkhonzayo, nibonge igama lakhe elingcwele.


Igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla; olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.


Yebo, ezindleleni zezahlulelo zakho, Jehova, sikuhlalele. Umphefumulo uyalangazelela igama lakho nesikhumbuzo sakho.


“NginguJehova; yilo igama lami; angiyikunika omunye inkazimulo yami, nezithombe ezibaziweyo udumo lwami.


“Usho kanje uJehova okwenzayo, uJehova okubumbayo ukuba akuqinise, nguJehova igama lakhe, uthi:


Ngiyakubonga, ngikudumise wena Nkulunkulu wawobaba ongiphile ukuhlakanipha namandla, wangazisa esasikucela kuwe, ngokuba usazisile indaba yenkosi.”


avumelana kuso no-Abrahama, nesifungo sakhe ku-Isaka;


Jehova, Nkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka noka-Israyeli, obaba, gcina lokhu njalo ezizindlweni zemicabango yenhliziyo yabantu bakho, uqondisele inhliziyo yabo kuwe,


Ngokuba ukuthukuthela kwakhe kuba ngokomzuzwana nje, umusa wakhe uba ngowokuphila konke; kusihlwa kungena ukukhala, ekuseni ukujabula.


uyise wezintandane, umahluleli wabafelokazi, uNkulunkulu endlini yakhe engcwele,


Uyakuvuka, uhawukele iSiyoni; sekuyisikhathi sokuliphatha ngomusa, yebo, isikhathi esimisiweyo sesifikile.


Ngalokho buyela wena kuNkulunkulu wakho, ugcine umusa nokulunga, ulindele uNkulunkulu wakho njalonjalo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite