Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 3:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Wathi: “Ngizakuba nawe ngempela; lokhu kuyakuba luphawu kuwe ukuthi ngikuthumile; nxa ukhiphile isizwe eGibithe, niyakumkhonza uNkulunkulu kule ntaba.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Wathi: “Ngizokuba nawe. Lesi kuyakuba yisibonakaliso sokuthi ngikuthumile: uma usubakhiphile abantu eGibhithe, niyakumkhonza uNkulunkulu kule ntaba.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Wathi: “Impela ngiyakuba nawe; lokhu kuyoba yisibonakaliso kuwe sokuthi ngikuthumile: Uma uhole abantu eGibhithe, kumelwe nikhonze uNkulunkulu kule ntaba.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 3:12
43 Referans Kwoze  

Akuyikubakho muntu ongema phambi kwakho zonke izinsuku zokuhamba kwakho; njengalokho nganginaye uMose, kanjalo ngiyakuba nawe; angiyikukuyeka, angiyikukushiya.


Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na?


ungesabi, ngokuba mina nginawe; ungapheli amandla, ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.


Wamyala uJoshuwa indodana kaNuni, wathi: “Qina, ume isibindi, ngokuba wena uyakubangenisa abantwana bakwa-Israyeli ezweni engalifungela bona; mina ngiyakuba nawe.”


UJehova wayesethi kuJakobe: “Buyela ezweni lawoyihlo nasezihlotsheni zakho; ngiyakuba nawe.”


Uyakukhuluma kuye, ufake amazwi emlonyeni wakhe; ngizakuba nomlomo wakho nomlomo wakhe, nginifundise lokho eniyakukwenza.


Ngalokho hamba; ngizakuba nomlomo wakho, ngikufundise lokho ozakukukhuluma.”


nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke kuze kube sekupheleni kwezwe.”


Lapho udabula emanzini, mina nginawe; nasemifuleni, ayiyikukukhukhula; lapho uhamba emlilweni, awuyikusha, nelangabi aliyikukushisa.


Isandla seNkosi sasinabo; kwakholwa abaningi kakhulu, baphendukela eNkosini.


Kepha bona bephuma bashumayela ezindaweni zonke, iNkosi isebenza nabo, iqinisa izwi ngezibonakaliso ezilandelayo.


Ukwenza kwenu makungabi ngokokufisa imali; yaneliswani ngeninakho; ngokuba yena ushilo wathi: “Angisoze ngakuyeka, angisoze ngakushiya,”


Ngalokho iNkosi uqobo iyakukunika isibonakaliso: bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, ibize igama layo ngokuthi u-Imanuweli.


Ngenzele isiboniselo sokuhle, ukuze abangizondayo babone, bajabhe, ngokuba wena Jehova uyangisiza, uyangiduduza.


“Lokhu kuyakuba yisibonakaliso kuwe: “Niyakudla ngalo mnyaka okuzikhulelayo, nangomnyaka wesibili isihlabane, nangomnyaka wesithathu hlwanyelani, nivune, nitshale izivini, nidle izithelo zazo.


uzakuzwa ukuthi bathini, andukuba kuqiniswe izandla zakho ukuba wehlele ekamu.” Khona wehla noPhura udibi lwakhe emaphethelweni abahlomileyo abasekamu.


Ingelosi kaJehova yase yelula isihloko sentonga esesandleni sayo, yathinta inyama namaqebelengwane angenamvubelo; kwenyuka umlilo edwaleni, wadla waqeda inyama namaqebelengwane angenamvubelo; ingelosi kaJehova yayisimuka emehlweni akhe.


Wathi kuye: “Uma ngifumene umusa emehlweni akho, unginike isibonakaliso ukuthi nguwe okhuluma nami.


Emva kwalokho kwafika izwi likaJehova ku-Abrama ngombono, lithi: “Ungesabi, Abrama, ngiyisihlangu sakho; umvuzo wakho uyakuba mkhulu kakhulu.”


Wathi: “Nkosi Jehova, ngiyokwazi ngani ukuthi ngiyakulidla na?”


Kepha leso sizwe abayakuba yizigqila kuso ngiyakusahlulela mina, washo uNkulunkulu, andukuba baphume, bangikhonze kule ndawo.’


UMose wayalusa izimvu zikaJetiro umukhwe wakhe, umpristi wakwaMidiyani; waziqhuba izimvu, waya ngaphambili kwehlane, waze wafika entabeni kaNkulunkulu iHorebe.


UMose wayesethi kuNkulunkulu: “Bheka lapho ngifika kubantwana bakwa-Israyeli, ngithi kubo: ‘UNkulunkulu wawoyihlo ungithumile kini,’ bese bethi kimi: ‘Ngubani igama lakhe?’ ngizakuthini kubo na?”


UJetiro umukhwe kaMose wafika namadodana akhe nomkakhe kuMose ehlane, lapho wayemise khona ngasentabeni kaNkulunkulu.


Wayesethi: “Ngiyakuhamba mina uqobo, ngikuphumuze, na?”


UMose wathi: “Niyakwazi ngalokhu ukuthi uJehova ungithumile ukwenza yonke le misebenzi, ngokuba angiyenzanga ngowami umqondo.


Akabonanga ingozi kuJakobe, akabukanga nankathazo kwa-Israyeli. UJehova uNkulunkulu wakhe unaye, nesenanelo senkosi siphakathi kwabo.


UJehova wathi kuye: “Impela ngiyakuba nawe; uyakubabulala abakwaMidiyani kungathi bangumuntu munye.”


“Lokhu kuyakuba yisibonakaliso kuwe: Niyakudla ngalo mnyaka okuzikhulelayo, nangomnyaka wesibili isihlabane, nangomnyaka wesithathu hlwanyelani, nivune, nitshale izivini, nidle izithelo zazo.


Ungabesabi, ngokuba nginawe ukuba ngikophule,” usho uJehova.


ugogobale kuleli zwe; ngizakuba nawe, ngikubusise, ngokuba ngiyakunika wena nenzalo yakho onke lawa mazwe, ngigcwalise isifungo engasifunga ku-Abrahama uyihlo.


Siyakuhamba ibanga lezinsuku ezintathu, siye ehlane, sihlabele uJehova uNkulunkulu wethu, njengalokho ezakusiyala.”


Ingelosi kaJehova yabonakala kuye, yathi kuye: “UJehova unawe wena qhawe elinamandla.”


Kepha uma bethi: ‘Yenyukelani kithi,’ siyakwenyuka, ngokuba uJehova ubanikele esandleni sethu; lokhu kuyakuba yisibonakaliso kithi.”


UFinehasi indodana ka-Eleyazare wayengumbusi phezu kwabo ngesikhathi esidlulileyo. UJehova wayenaye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite