Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 28:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Wokhuluma kubo bonke abahlakaniphile ngenhliziyo engibagcwalisile ngomoya wokuhlakanipha ukuba bazenze izambatho zika-Aroni zokumngcwelisa, ukuze angikhonze esikhundleni sobupristi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Uyakukhuluma kubo bonke abanekhono, engibaphile ikhono ukuba bathungele u-Aroni izingubo ukuze ahlukaniswe abe ngumphristi wami, angikhonze.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ukhulume nabo bonke abahlakaniphile ngenhliziyo, engibagcwalisile ngomoya wokuhlakanipha, ukuba benze izingubo zika-Aroni zokumngcwelisa, ukuze angikhonze njengobupristi.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 28:3
16 Referans Kwoze  

ukuze uNkulunkulu weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wenkazimulo, aniphe umoya wokuhlakanipha nokwambulelwa ekumazini yena;


UMoya kaJehova uyakuhlala phezu kwakhe, umoya wokuhlakanipha nowokuqonda, umoya wamasu nowamandla, umoya wokwazi nowokumesaba uJehova.


Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla kuYise wokukhanya okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.


UJoshuwa indodana kaNuni wayegcwele umoya nokuhlakanipha, ngokuba uMose wayebekile izandla zakhe phezu kwakhe; abantwana bakwa-Israyeli bamlalela-ke, benza njengalokho uJehova emyalile uMose.


Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha; emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda.


Laba ubagcwalisile ngokuhlakanipha kwenhliziyo ukuba basebenze yonke imisebenzi, eyomqophi neyengcweti neyomfekethisi, ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo, neyomaluki, neyabasebenza namuphi umsebenzi, nabaqamba imisebenzi yobungcweti.


UMose wathi kubantwana bakwa-Israyeli: “Bhekani, uJehova ubize ngegama uBesaleli indodana ka-Uri kaHure, owesizwe sakwaJuda;


Bonke abesifazane abahlakaniphile ngenhliziyo baphotha ngezandla zabo, baletha okuphothiweyo, okuluhlaza nokububende nokubomvu, nelineni elicolekileyo.


umgcwalisile ngoMoya kaNkulunkulu, ngokuhlakanipha nangokuqonda nangokwazi nangamandla emisebenzini yonke


“OBesaleli no-Oholiyabe bayakusebenza nabo bonke abahlakaniphile ngenhliziyo, uJehova abeke kubo ukuhlakanipha nokuqonda ukuba bazi ukwenza yonke imisebenzi yenkonzo yendlu engcwele njengakho konke uJehova akuyalileyo.”


Wayeyindodana yomfelokazi wesizwe sakwaNafetali; uyise wayengumuntu ogcwele ukuhlakanipha, nengqondo, nokwazi ukwenza yonke imisebenzi yethusi. Wafika enkosini uSolomoni, wasebenza wonke umsebenzi wayo.


“Bonke abahlakaniphile ngenhliziyo mabeze, bakwenze konke uJehova akuyalileyo:


UMose wababiza oBesaleli no-Oholiyabe nabo bonke abahlakaniphile ngenhliziyo, uJehova abeke ukuhlakanipha ezinhliziyweni zabo, bonke abavuswa yizinhliziyo zabo ukuza emsebenzini ukuba bawenze.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite