Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 28:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Wobeka amatshe omabili ezizibeni zombili zengubo yamahlombe, abe ngamatshe esikhumbuzo sabantwana bakwa-Israyeli; u-Aroni uyakuphatha amagama abo emahlombe akhe omabili phambi kukaJehova kube yisikhumbuzo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Uyowabeka lawa matshe ezizibeni zengubo yamahlombe njengesikhumbuzo samadodana ka-Israyeli, bese u-Aroni awembathe amagama abo emahlombe akhe phambi kukaSimakade kube yisikhumbuzo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Kumelwe ubeke amatshe amabili emahlombe endwangu yamahlombe abe amatshe esikhumbuzo kubantwana bakwa-Israyeli; u-Aroni kumelwe athwale amagama abo phambi kukaJehova emahlombe akhe omabili abe yisikhumbuzo.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 28:12
23 Referans Kwoze  

“U-Aroni uyakuphatha amagama abantwana bakwa-Israyeli esihlangwini sesifuba sokwahlulela phezu kwenhliziyo yakhe, nxa engena endaweni engcwele, kube yisikhumbuzo phambi kukaJehova njalo.


anothi kubo: ‘Kungokuba amanzi aseJordani enqamuka phambi komphongolo wesivumelwano sikaJehova; ekuweleni kwawo iJordani amanzi aseJordani anqamuka; lawa matshe ayakuba yisikhumbuzo kubantwana bakwa-Israyeli kuze kube phakade.’ ”


OMose no-Eleyazare umpristi bamukela igolide kuzo izinduna zezinkulungwane nakwezamakhulu, baliletha etendeni lokuhlangana, laba yisikhumbuzo sabantwana bakwa-Israyeli phambi kukaJehova.


ibe yisikhumbuzo kubantwana bakwa-Israyeli, ukuze umfokazi ongesiye owenzalo ka-Aroni angasondeli ukushisa impepho phambi kukaJehova, angabi njengoKora neviyo lakhe, njengalokho uJehova wakhuluma kuye ngesandla sikaMose.


Uyakubeka inhlaka ecwengekileyo ezinqwabeni zombili, ibe yisikhumbuzo esinkweni nomnikelo womlilo kuJehova.


Wayigqolozela enokwesaba, wathi: “Kwenze njani, Nkosi?” Yathi kuye: “Imikhuleko yakho nokwabela kwakho abampofu izipho kwenyukile kwaba yisikhumbuzo emehlweni kaNkulunkulu.


ukwenzela okhokho bethu isihawu nokukhumbula isivumelwano sayo esingcwele,


Uyisizile inceku yakhe u-Israyeli, ukuze akhumbule isihawu,


Ngimisile abalindi phezu kwezingange zakho, Jerusalema; abayikuthula nakanye imini nobusuku; nina eningabakhumbuzi ngoJehova maningaphumuli,


Bheka, uNkulunkulu uyinsindiso yami; nginethemba, angesabi, ngokuba uJehova, uJehova ungamandla ami nehubo lami, waba yinsindiso yami.”


Ngokuba sizalelwa umntwana, siphiwa indodana; umbuso uyakuba semahlombe akhe, negama lakhe liyakuthiwa uMluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula.


Ngaleso sikhathi wakhuluma ngombono kubo abakholwayo bakho, wathi: “Ngibekile usizo eqhaweni, ngiphakamisile okhethiwe phakathi kwabantu.


Iyakuba neziziba ezimbili zasemahlombe, zihlangene emaceleni ayo omabili, ukuba ihlanganiswe.


Kuyakuba luphawu kuwe esandleni sakho, kube yisikhumbuzo phakathi kwamehlo akho, ukuze umthetho kaJehova ube semlonyeni wakho, ngokuba ngesandla esinamandla uJehova wakukhipha eGibithe.


“ ‘Lolo suku luyakuba yisikhumbuzo kini, nilugcine lube ngumkhosi kaJehova; anolugcina izizukulwane ngezizukulwane ngokomthetho waphakade.


wabonga, wasihlephula, wathi: “Lokhu kungumzimba wami ohleshulelwe nina; lokhu kwenzeni ukuba ningikhumbule.”


Ngomsebenzi womqophi ematsheni, njengokuqoshwa kwendandatho, woqopha amatshe omabili njengokwamagama abantwana bakwa-Israyeli, uwafake azungezwe yizisekelo zegolide.


NgoBenjamini wathi: “Othandiweyo kaJehova uyakuhlala elondwa nguye; uyamsibekela usuku lonke, ahlale phakathi kwamahlombe akhe.”


Ngangiyakuyithwala emahlombe ami, ngiyibophe ibe ngumqhele kimi,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite