Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 27:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “Wolenza igceke letabernakele;* ngaseningizimu ohlangothini olungaseningizimu makube khona izilenge zegceke zelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, ubude bazo bube yizingalo eziyikhulu ohlangothini lunye;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 “Uyokwenza igceke lethabanakeli. Ngaseningizimu yegceke kube khona amakhethini elineni lemicu ephothiweyo elicolekileyo, ubude bawo bube ngamakhubhithi ayikhulu ohlangothini ngalunye;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Uyakwenza igceke letabernakele ohlangothini oluseningizimu, ngaseningizimu, kube khona izilenge zegceke ngelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, ubude bazo bube yizingalo eziyikhulu ngalapha.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 27:9
29 Referans Kwoze  

Malungana nezingalo ezingamashumi amabili ezazingezegceke elingaphakathi, namalungana nendawo egandayiweyo eyayingeyegceke elingaphandle kwakukhona umpheme malungana nompheme eyelakanyene kathathu.


Ngaphandle kwesango elingaphakathi kwakukhona amakamelo abahlabeleli egcekeni elingaphakathi, eliseceleni kwesango lasenyakatho, libheke ngaseningizimu, elinye eliseceleni kwesango lasempumalanga, libheke ngasenyakatho.


Wayesengingenisa egcekeni elingaphakathi ngasempumalanga, walilinganisa isango njengezilinganiso zasenhla,


Wayesengingenisa egcekeni elingaphakathi ngesango laseningizimu; walilinganisa isango laseningizimu njengezilinganiso zasenhla.


Kwakukhona isango legceke elingaphakathi malungana naleli sango ngasenyakatho nangasempumalanga; walinganisa, kusukela esangweni kuze kube sesangweni, izingalo eziyikhulu.


Wayeselinganisa ubude nobubanzi besango legceke elingaphandle elibheke ngasenyakatho.


Wenza nezinsika: yizingalo ezingamashumi ayisithupha, isango lifinyelela ensikeni yegceke nxazonke.


emagcekeni endlu kaJehova, phakathi kwakho, Jerusalema. Haleluya!


Ngenani emasangweni akhe ngokubonga, nasemagcekeni akhe ngokudumisa; mbongeni, nibusise igama lakhe.


Batshaliwe endlini kaJehova, bamila emagcekeni kaNkulunkulu wethu.


Ngokuba usuku lunye emagcekeni akho luhle kunezinye eziyizinkulungwane. Ngiyakhetha ukulinda emnyango wendlu kaNkulunkulu wami kunokuhlala ematendeni ababi.


Wakhela nalo lonke ibandla lasezukwini ama-altare emagcekeni omabili endlu kaJehova.


Ngalona lolo suku inkosi yangcwelisa ingaphakathi legceke elalingaphambi kwendlu kaJehova, ngokuba wanikela lapho ngomnikelo wokushiswa, nangomnikelo wempuphu, nangamanoni eminikelo yokuthula, lokhu i-altare lethusi elaliphambi kukaJehova lalilincane ukuba liwamukele umnikelo wokushiswa, nomnikelo wempuphu, namanoni eminikelo yokuthula.


Wakha igceke elingaphakathi ngezinhla ezintathu zamatshe abaziweyo, nohla lwemishayo yemisedari.*


Ulungise igceke nxazonke, ulengise iveli lesango legceke.


izilenge zegceke, nezinsika zalo, nezinyawo zalo, neveli lesango legceke, nezintambo zalo, nezikhonkwane zalo, nempahla yonke yenkonzo yetabernakele, netende lokuhlangana;


Wazenza izihibe ezingamashumi ayisihlanu eceleni lesilenge sokugcina ekuhlanganeni, wazenza izihibe ezingamashumi ayisihlanu eceleni lesilenge ekuhlanganeni kwesibili.


izinsika zalo zibe ngamashumi amabili, nezinyawo zazo zibe ngamashumi amabili zethusi; izingwegwe zezinsika nezibopho zazo zibe yisiliva.


nezilenge zegceke, nezinsika zalo, nezinyawo zazo, neveli lesango legceke,


Walungisa igceke lizungeza itabernakele ne-altare, walengisa iveli lesango legceke; kanjalo-ke uMose wawuqeda umsebenzi.


nezilenge zegceke, neveli lomnyango wegceke elingasetabernakele* nangase-altare nxazonke, nezintambo zalo, nayo yonke inkonzo yalokho.


nezilenge zegceke, neveli lomnyango wesango legceke elingasetabernakele* nangase-altare nxazonke, nezintambo zakho, nezinto zonke zokukhonza kwabo; nakho konke okwenzelwa zona bayakukwenza.


nezinsika zegceke nxazonke, nezinyawo zazo, nezikhonkwane zazo, nezintambo zazo, nempahla yonke yazo, nenkonzo yonke yazo, nibamisele ngamagama impahla abafanele ukuyithwala.


Wenza igceke labapristi, negceke elikhulu, neminyango yegceke, wazinameka izivalo zayo ngethusi.


Wayesengingenisa egcekeni elingaphandle; bheka, lapho kwakukhona amakamelo nendawo egandayiweyo eyenzelwe igceke nxazonke; kwakukhona amakamelo angamashumi amathathu endaweni egandayiweyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite