Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 26:36 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

36 “Uyakwenza iveli lomnyango wasetendeni ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, umsebenzi womfekethisi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

36 “Uyokwenza isihenqo sasemnyango wethende ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane, ngokubomvu, nangelineni lemicu ephothiweyo elicolekileyo, umsebenzi womfekethisi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

36 Ulenzele umnyango wetende iveli lokuyibubende, lokuyibubende, lokubomvu, lelembu elicolekileyo lentambo ephothiweyo, umsebenzi womfekethisi.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 26:36
19 Referans Kwoze  

Walenza iveli lomnyango wetende ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, umsebenzi womfekethisi,


UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.


Mina ngiyisango; uma umuntu engena ngami, uyakusindiswa, angene, aphume, afumane idlelo.


Walishiya itabernakele* laseShilo, itende abelimisile phakathi kwabantu.


Ngokuba angihlalanga ndlu kusukela osukwini engakhuphula ngalo abantwana bakwa-Israyeli eGibithe kuze kube namuhla, kepha ngangilokhu ngihamba etendeni nasetabernakele.*


Ngosuku itabernakele* elamiswa ngalo ifu lalisibekela itabernakele, itende lobufakazi; ngakusihlwa laliphezu kwetabernakele njengokubonakala komlilo kwaze kwaba sekuseni.


Imfanelo yamadodana kaGereshoni etendeni lokuhlangana iyakuba yitabernakele,* netende, nesimbozo salo, neveli lomnyango wetende lokuhlangana,


Baliletha itabernakele kuMose, itende nempahla yalo yonke, nezinkibaniso zalo, namapulangwe alo, nemishayo yalo, nezinsika zalo, nezinyawo zalo,


itabernakele,* netende lalo, nesifulelo salo, nezinkibaniso zalo, namapulangwe alo, nemishayo yalo, nezinsika zalo, nezinyawo zalo;


“Uyakwenza isihenqo ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, libe namakherubi,* kube ngumsebenzi wengcweti,


“Koba khona iveli lesango legceke, libe yizingalo ezingamashumi amabili, ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, umsebenzi womfekethisi, izinsika zabo zibe zine, nezinyawo zazo zibe zine.


“Uyakwaluka ibhantshi eliyizingovu ngelineni elicolekileyo, wenze nesigqoko selineni elicolekileyo, wenze nebhande,* ulifekethise.


Iveli lesango legceke lalingumsebenzi womfekethisi ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo; ubude balo babuyizingalo ezingamashumi amabili, nokuphakama ngokobubanzi bezilenge kwakuyizingalo eziyisihlanu ngokulingene nezilenge zegceke.


nebhande* lelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo nelokuluhlaza nelokububende nelokubomvu, umsebenzi womfeketshisi, njengalokho uJehova emyalile uMose.


Ngakwembathisa imifekethiso, ngakufaka izicathulo zesikhumba samatahasi,* ngakubhincisa ilineni elicolekileyo, ngakusibekela ngosilika.*


“Uyakwenza isihlangu sesifuba sokwahlulela, kube ngumsebenzi wengcweti, usenze njengokusetshenzwa kwengubo yamahlombe ngegolide, nangokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo.


ne-altare lempepho nezinti zalo, namafutha okugcoba, nempepho ethaphukayo, neveli lomnyango ngasemnyango wetabernakele;


Ubeke i-altare legolide lempepho phambi komphongolo wobufakazi, ulengise iveli lomnyango wetabernakele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite