Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 24:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 UMose wayesethatha igazi, wafafaza ngalo abantu, ethi: “Bheka, nanti igazi lesivumelwano uJehova asenze nani ngawo onke lawa mazwi.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 UMose wathatha igazi wafafaza ngalo abantu, wathi: “Bhekani, leli yigazi lesivumelwano uSimakade asenze nani ngawo wonke lawa mazwi.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 UMose wayesethatha igazi, wafafaza ngalo abantu, wathi: “Nanti igazi lesivumelwano uJehova asenza nani ngawo onke lawa mazwi.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 24:8
23 Referans Kwoze  

UMose wathatha inxenye yegazi, wayithela ezitsheni; inxenye yegazi wafafaza ngayo i-altare.


Ngiyakunifafaza ngamanzi ahlambulukileyo, nihlambuluke, nginihlambulule kukho konke ukungcola kwenu nakuzo zonke izithombe zenu.


ngokuba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi kukho ukuthethelelwa kwezono.


Kepha uNkulunkulu wokuthula owakhuphula kwabafileyo umalusi omkhulu wezimvu ngegazi lesivumelwano esimiyo njalo, iNkosi yethu uJesu,


Kanjalo wathabatha nesitsha emva kokudla kwakusihlwa, wathi: “Lesi sitsha siyisivumelwano esisha egazini lami; lokhu kwenzeni ngezikhathi zonke enisiphuza ngazo ukuba ningikhumbule.”


Wathi kubo: “Lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi.


bekhethiwe ngokwaziphambili kukaNkulunkulu uYise ngokungcwelisa kukaMoya kukho ukulalela nokufafazwa ngegazi likaJesu Kristu: Makwandiswe kinina umusa nokuthula.


Kanjalo-ke nesitsha emva kokudla, ethi: “Lesi sitsha siyisivumelwano esisha egazini lami elithululelwa nina.


Nawe, ngenxa yegazi lesivumelwano sakho, ngikhiphile iziboshwa zakho emgodini okungekho kuwo amanzi.


esinokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kwezono ngokwengcebo yomusa wakhe


kanjalo iyakwethusa izizwe eziningi; amakhosi ayakuvala imilomo yawo ngenxa yayo, ngokuba lokho angatshelwanga khona ayakukubona, nalokho angakuzwanga ayakukuqonda.


UMose wayesethatha amafutha okugcoba, negazi elalise-altare, wafafaza ngalo u-Aroni nezambatho zakhe, namadodana akhe kanye naye, nezambatho zamadodana akhe, wangcwelisa u-Aroni nezambatho zakhe, namadodana akhe kanye naye, nezambatho zamadodana akhe.


pho, nithi ufanele ukushaywa kangakanani kunalokho lowo onyathele phansi iNdodana kaNkulunkulu, wadelela igazi lesivumelwano angcweliswa ngalo, wahlambalaza uMoya womusa, na?


UJoshuwa wayesenza isivumelwano nabantu ngalolo suku, wabamisela isimiso nomthetho eShekemi.


Kwakungekho lutho emphongolweni, kuphela izibhebhe ezimbili zamatshe ezabekwa khona nguMose eHorebe, lapho uJehova enza isivumelwano nabantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibithe.


Kepha bamthopha ngomlomo wabo, baqamba amanga kuye ngolimi lwabo;


“ ‘Lapho ngidlula kuwe, ngikubona, bheka, kwakuyisikhathi sakho, isikhathi sokuthanda; ngeneka ingubo yami phezu kwakho, ngembathisa ubunqunu bakho; yebo, ngafunga kuwe, ngangena esivumelwaneni nawe, isho iNkosi uJehova, waba ngowami.


UJehova uNkulunkulu wethu wenza isivumelwano nathi eHorebe.


Ngimisile lapho indawo yomphongolo okukuwo isivumelwano sikaJehova asenza nawobaba ekubakhipheni ezweni laseGibithe.”


kungenjengesivumelwano engasenzayo nawoyise mhla ngibabamba ngesandla ukubakhipha ezweni laseGibithe, isivumelwano sami abasaphula noma ngangiyinkosi yabo,” usho uJehova.


‘Isithembiso enganinika sona ekuphumeni kwenu eGibithe noMoya wami kuyakuhlala phakathi kwenu; ningesabi.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite