Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 24:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 UMose wabhala onke amazwi kaJehova, wavuka ekuseni ngakusasa, walakha i-altare phansi kwentaba, nezinsika eziyishumi nambili njengokwezizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 UMose wawabhala wonke amazwi kaSimakade. Wavuka ekuseni ngovivi, wakha i-althare phansi kwentaba, wamisa izinsika ezili-12 ngokwezizwe ezili-12 zakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 UMose waloba phansi onke amazwi kaJehova, waqeda ekuseni kakhulu, wakha i-altare phansi kwentaba nezinsika eziyishumi nambili ngokwezizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 24:4
27 Referans Kwoze  

UMose waloba lowo mthetho, wabanika wona abapristi, amadodana kaLevi, ababethwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova namalunga onke akwa-Israyeli.


UJakobe wavuka ekuseni, walithatha itshe abelibeke phansi kwekhanda lakhe, walimisa laba yinsika, wathela amafutha esihlokweni salo.


Ugange lomuzi lwalunezisekelo eziyishumi nambili, naphezu kwazo amagama ayishumi nambili abaphostoli abayishumi nambili beWundlu.


bathi ukubona umusa engiwuphiweyo, oJakobe noKhefase noJohane, ababaziswa ngokuthi bayizinsika, banika mina noBarnaba isandla sokunene sokuhlangana ukuba thina siye kwabezizwe, kepha bona baye kwabasokayo,


ukuba nidle, niphuze etafuleni lami embusweni wami; niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi, nahlulele izizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli.


Banikela ekuhlanjululweni kwaleyo ndlu kaNkulunkulu ngezinkunzi eziyikhulu, nangezinqama ezingamakhulu amabili, nangamawundlu angamakhulu amane, kanye nezimpongo eziyishumi nambili zibe ngumnikelo wokona ngo-Israyeli wonke njengokomumo wezizwe zakwa-Israyeli.


U-Ahiya wayibamba leyo ngubo entsha eyayikuye, wayiklebhula imidweshu eyishumi nambili.


Lawo matshe ayishumi nambili abawakhipha eJordani wawamisa eGiligali.


“Khuluma kubantwana bakwa-Israyeli, uthabathe kubo izintonga, ibe nye kuleyo naleyo ndlu kayise, kuzo zonke izikhulu njengezindlu zawoyise, izintonga eziyishumi nambili; loba wena igama lalowo nalowo muntu entongeni yakhe.


“Wothabatha impuphu ecolekileyo, upheke ngayo amaqebelengwane ayishumi nambili, iqebelengwane linye libe nokweshumi okubili.


Amatshe ayakuba njengamagama abantwana bakwa-Israyeli, abe yishumi nambili njengamagama abo; njengokuqoshwa kwendandatho yilelo nalelo liyakuba negama lesinye sezizwe eziyishumi nambili.


UJakobe wayesethatha itshe, walimisa laba yinsika.


naleli tshe engilimise libe yinsika liyakuba yindlu kaNkulunkulu, nakukho konke oyakungipha khona ngiyakukunika okweshumi.”


UJehova wathi kuMose: “Kulobe lokhu kube yisikhumbuzo encwadini, ukubeke ezindlebeni zikaJoshuwa ukuthi ngizakuqothula ukukhunjulwa kuka-Amaleki phansi kwezulu.”


UMose walakha i-altare, waliqamba igama lokuthi iJehova-Nisi.


“Yilezi izahlulelo ozakuzimisa phambi kwabo.


Wathatha incwadi yesivumelwano, wayifunda ezindlebeni zabantu; bathi: “Konke akukhulumileyo uJehova siyakukwenza, silalele.”


UJehova wathi kuMose: “Zilobele lawa mazwi, ngokuba ngokwalawa mazwi ngenzile isivumelwano nawe nabakwa-Israyeli.”


Ngalolo suku kuyakuba khona i-altare kuJehova phakathi kwezwe laseGibithe, nensika kuJehova emkhawulweni walo.


UJehova wabonakala ku-Abrama, wathi: “Leli zwe ngiyakulinika inzalo yakho.” Wamakhela khona i-altare uJehova owayebonakele kuye.


UJoshuwa wathi kuwo: “Welani phambi komphongolo kaJehova uNkulunkulu wenu, niye phakathi kweJordani, netshathe, kube yilowo nalowo itshe ehlombe lakhe njengokomumo wezizwe zabantwana bakwa-Israyeli


U-Eliya wathatha amatshe ayishumi nambili njengomumo wezizwe zamadodana kaJakobe okweza kuye izwi likaJehova, lathi: “Igama lakho lizakuba ngu-Israyeli.”


Abanamathelisa nampa: uNehemiya umbusi, indodana kaHakaliya, noSedekiya,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite