Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 23:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 “Awuyikuphendukezela isahlulelo sompofu wakho ecaleni lakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 “Awuyukubuhlanekezela ubulungiswa ngenxa yabampofu ecaleni labo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ungalichithi ilungelo lompofu wakho ecaleni lakhe.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 23:6
23 Referans Kwoze  

“Ngiyakusondela kini ukwahlulela, ngibe ngufakazi osheshayo ngabalumbi, nangeziphingi, nangabafunga amanga, nangabacindezela abaqashwa ngenkokhelo yabo, nabafelokazi, nezintandane, nabachezukisa abafokazi, bengangesabi mina,” usho uJehova Sebawoti.


Bakhuluphele, bayacwebezela; yebo, bayadlula ezintweni zobubi; abameli ukulunga, abameli izintandane ukuba zihlahlamele, nemfanelo yabampofu abayahluleli.


Uma ubona ukudlovelwa kwabampofu nokuphangwa kokwahlulela nokokulunga ezweni, ungamangali ngakho, ngokuba omkhulu uqaphela omkhulu kunaye, futhi kukhona nabakhulu kunabo.


“ ‘Makaqalekiswe ophendukezela isahlulelo somfokazi, nesentandane, nesomfelokazi.’ “Bonke abantu bayakusho ukuthi: ‘Amen.’


Awuyikuphendukezela isahlulelo, ungakhethi ubuso bamuntu, ungafunjathiswa isipho, ngokuba isipho siphuphuthekisa amehlo ohlakaniphileyo, siphendukezela amazwi olungileyo.


“ ‘Ningenzi ukungalungi ekwahluleleni; ungakhethi ubuso bompofu, ungavuni ubuso bomkhulu, kepha wahlulele umakhelwane wakho ngokulunga.


uma ningacindezeli umfokazi, nentandane, nomfelokazi, ningachithi igazi elingenacala kule ndawo, futhi ningalandeli abanye onkulunkulu ukuba nilimale,


Bahlubukile bonke nokuhlubuka, behamba behleba; bayithusi nensimbi, bangabachithi bonke.


“Uma ngidelele ukwahlulelwa kwenceku yami noma okwencekukazi yami, lapho bephikisana nami,


Ngalokho ingebhe ngoJehova mayibe phezu kwenu; qaphelani nikwenze, ngokuba ukungalungi akukho kuJehova uNkulunkulu wethu, nokukhetha ubuso, nokwamukela umvuzo.”


Amadodana akhe ayengahambi ngezindlela zakhe, kepha aphambukela inzuzo embi, athengwa ngemivuzo, aphendukezela izahlulelo.


Ukukhetha ubuso bomubi ukuba olungileyo aphambukiswe ekwahlulelweni akukuhle.


Ungamphangi ompofu ngokuba empofu, ungamchobozi oswelayo esangweni,


funa baphuze, bakhohlwe izimiso, baguqule ukwahlulelwa kwabantwana bokuhlupheka.


abathetha ababi ngenxa yemivuzo, basuse ukulunga kwabalungileyo!


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite