3 nompofu awuyikumvuna ecaleni lakhe.
3 Awuyukukhombisa ukuvuna ompofu ecaleni.
3 Futhi ungafakazi ompofu ecaleni lakhe.
Kepha ukuhlakanipha okwaphezulu okokuqala kumhlophe, andukuba kube nokuthula, nokuva, nokulalela, kugcwele isihawu nezithelo ezinhle; akunakungabaza, akunakuzenzisa.
“ ‘Ningenzi ukungalungi ekwahluleleni; ungakhethi ubuso bompofu, ungavuni ubuso bomkhulu, kepha wahlulele umakhelwane wakho ngokulunga.
Maningakhethi abantu ekwahluleleni, nimuzwe omncane njengomkhulu, ningesabi ubuso bamuntu, ngokuba ukwahlulela kungokukaNkulunkulu; indaba elukhuni kini niyilethe kimi, ngiyizwe.’
“Awuyikuphendukezela isahlulelo sompofu wakho ecaleni lakhe.
Awuyikuphendukezela isahlulelo, ungakhethi ubuso bamuntu, ungafunjathiswa isipho, ngokuba isipho siphuphuthekisa amehlo ohlakaniphileyo, siphendukezela amazwi olungileyo.
Ukukhetha ubuso bomubi ukuba olungileyo aphambukiswe ekwahlulelweni akukuhle.
Ungamphangi ompofu ngokuba empofu, ungamchobozi oswelayo esangweni,
Wo kubona abamisa izimiso ezimbi, nakubabhali ababhalisisa okuyingozi,
Ngokuba ngiyazi ukuthi iziphambeko zenu ziningi nokuthi izono zenu zinkulu, nina enicindezela abalungileyo, namukela umvuzo, nenichezukisa abampofu esangweni.