Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 23:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Awuyikuthutha indaba yamanga, ungafaki isandla sakho kubo ababi, ube ngufakazi wamanga.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 “Awuyukusabalalisa umbiko ongamanga, awuyukubambisana nababi ukwethula ubufakazi obungamanga.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ungasakazi amahemuhemu; ungahlanganisi izandla nomubi ukuba ube ngufakazi ongalungile.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 23:1
40 Referans Kwoze  

Omhlebayo umakhelwane wakhe ngasese ngizakumqeda; onamehlo aqhoshayo nenhliziyo ezidlayo angiyikumvumela.


Ufakazi wamanga akayekwa, nophafuza amanga akayikusinda.


“Ungafakazi amanga ngomakhelwane wakho.


Ofakazi abangalungile bayasukuma, babuza kimi engingakwaziyo.


“ ‘Ungafakazi amanga ngomakhelwane wakho.


“ ‘Ungahambahambi ucetheza phakathi kwabantu bakho, ungamelani nokuphila komakhelwane wakho; nginguJehova.


Ngase ngizwa izwi elikhulu ezulwini, lithi: “Kalokhu insindiso namandla nobukhosi ngokukaNkulunkulu wethu, nombuso ngokaKristu wakhe, ngokuba uphonswe phansi ummangaleli wabazalwane bethu obamangalelayo phambi kukaNkulunkulu wethu imini nobusuku.


Kungabi ngukuthi, njengalokhu sihlanjalazwayo nanjengalokhu abanye bathi siyasho ukuthi asenze okubi, ukuze kuvele okuhle na? Ukulahlwa kwabo kubafanele.


Ufakazi wamanga akayekwa, nophafuza amanga uyakubhubha.


kodwa kube ngobumnene nangokwesaba, nibe nonembeza omuhle, ukuze kuthi kulokho abanihleba ngakho bajabhiswe labo abathuka ukuhamba kwenu okuhle kuKristu.


nabangenaluthando, nabahlebi, nabangazithibi, nabangenabumnene, nabangathandi okuhle,


Ngakho lahlani amanga, nikhulume iqiniso, yilowo nalowo nomakhelwane wakhe, lokhu singamalungu omunye komunye.


Ungabi ngufakazi ngomakhelwane wakho kungekho sizathu; wothi ukhohlise ngezindebe zakho na?


Ufakazi wamanga uyabhujiswa, kepha umuntu ozwileyo angakhuluma njalo.


Ofihla inzondo unezindebe zamanga; ophumisa inhlebo uyisiwula.


nofakazi wamanga ophafuza inkohliso, obanga ukuxabana phakathi kwabazalwane.


ongahlebi ngolimi lwakhe, ongamoni umngane wakhe, nongamhlazi umakhelwane wakhe;


“ ‘Ningebi, ningakhohlisani, ningaqambelani amanga.


Kodwa uZakewu wasukuma, wathi eNkosini: “Bheka, Nkosi, ngipha abampofu inxenye yempahla yami; kuthi uma ngimaphucile umuntu into ngamacebo, ngiyibuyisa iphindwe kane.”


Namabutho ambuza athi: “Thina-ke, sizakwenzani na?” Wathi kuwo: “Ningamuki muntu lutho ngendluzula, ningamxabheleli; yaneliswani yizinkokhelo zenu.”


Wathi kuye: “Miphi na?” UJesu wathi: “Yile: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga;


Ngizwile ukuhleba kwabaningi: “Luvalo nxazonke. Mmangalele! Masimmangalele!” Bonke abangane bami bayalinda ukuwa kwami. “Mhlawumbe angayengwa, simahlule, siziphindisele kuye.”


Umoya wasenyakatho uyaletha imvula, nolimi olunyenyayo ubuso obuthukutheleyo.


Umuntu ofakazela amanga ngomakhelwane wakhe uyisando, nenkemba, nomcibisholo obukhali.


Ufakazi omubi uyadelela ukwahlulela; umlomo wababi uyagwinya ukona.


Owenza okubi uqaphela izindebe zokona, nomqambimanga ubeka indlebe olimini olubi.


Ophefumula iqiniso ulanda ngokulunga, kepha ufakazi wamanga ngenkohliso.


Uyakuvuzwa ngani, uyakwenezelelwani wena lulimi lwenkohliso, na?


Unganginikeli entandweni yezitha zami; ngokuba ofakazi bamanga bangivukele kanye nabafutha ukudlozomela.


Ihlebile inceku yakho enkosini yami, inkosi, kepha inkosi yami, inkosi, injengengelosi kaNkulunkulu; ngalokho yenza okuhle emehlweni akho.


Yayisithi inkosi: “Iphi indodana yenkosi yakho na?” USiba wathi enkosini: “Bheka, ihlezi eJerusalema, ngokuba yathi: ‘Namuhla indlu ka-Israyeli iyakubuyisela kimi umbuso kababa.’ ”


Deda ube kude nendaba yamanga; ungambulali ongenacala nolungileyo, ngokuba angiyikumyeka owonileyo.


“Konje umthetho wakithi uyamlahla yini umuntu ungakamuzwa kuqala, uze wazi akwenzayo, na?”


Wakhuluma kuyo wona lawa mazwi, wathi: “Le nceku engumHeberu, osilethele yona, ize kimi ukuba idlale ngami;


Ufakazi oqinisileyo akaqambi amanga, kepha ufakazi ongaqinisile uyaphafuza amanga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite