Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 22:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 “Uma okwebiweyo kufunyaniswa esandleni salo kuphilile, noma kuyinkabi, noma kuyimbongolo, noma kuyimvu, liyakukhokha kuphindwe kabili.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 “Uma okwebiweyo kutholakala esandleni salo kusaphila, kungaba yinkabi, yimbongolo noma yimvu, isela liyakukhokha ngokuphindwe kabili.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Uma okwebiwe kutholwa kusaphila esandleni salo, kungakhathaliseki ukuthi inkomo noma imbongolo noma imvu; uzobuya kabili.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 22:4
11 Referans Kwoze  

Ngezindaba zonke zamacala, eyenkabi, neyembongolo, neyemvu, neyengubo, neyento elahlekileyo, umuntu asho ngayo ukuthi ngeyakhe, indaba yabo bobabili iyakuza phambi kukaNkulunkulu; olahlwa nguNkulunkulu uyakumkhokhela umakhelwane wakhe kuphindwe kabili.


“Uma umuntu enikeza kumakhelwane wakhe imali noma impahla ukuba ayilondoloze, bese yebiwa endlini yalowo muntu, isela, uma lifunyanwa, liyakukhokha kuphindwe kabili.


“Uma umuntu eba inkabi noma imvu, ayihlabe, noma athengise ngayo, uyakukhokha inkabi ngezinkabi eziyisihlanu, nemvu ngezimvu ezine.


Buyiselani kulo njengalokho lona likwenzile, niphinde kabili okwemisebenzi yalo; esitsheni elalixuba kuso, xubani kabili kuso;


“Oweba umuntu, athengise ngaye, noma efunyanwa esesesandleni sakhe, wobulawa nokubulawa.


Kuqala ngiyakuphindisela ngokuphindiweyo ububi babo nezono zabo, ngokuba balingcolisile izwe lami ngezidumbu zezinto zabo ezizondekayo, baligcwalisa ifa lami ngezinengiso zabo.”


Uma efunyanwa, uyakubuyisa kasikhombisa, anikeze yonke impahla yendlu yakhe.


Qungani iJerusalema isibindi, nimemeze kulo ukuthi ukulwa kwalo sekuphelile nokuthi buhlanguliwe ububi balo, ngokuba lamukeliswe esandleni sikaJehova ngokuphindiweyo ngazo zonke izono zalo.


“Uma umuntu eklabisa ensimini noma esivinini, aziyeke nje izinkomo zakhe zize zidle ensimini yomunye, uyakukhokha nokukhokha ngokuhle kwensimu yakhe nangokuhle kwesivini sakhe.


Wayesethi kubo: “UJehova ungufakazi ngani, nogcotshiweyo wakhe ungufakazi namuhla ukuthi anifumananga lutho esandleni sami.” Bathi: “Ungufakazi.”


noma yikuphi afungile amanga ngakho; makakubuyise, athasisele okwesihlanu kukho, amnike lowo okungokwakhe ngosuku lomnikelo wakhe wecala.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite