Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 22:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Uma isela lificwa lisafohla, lishaywe lize life, akuyikuba yicala legazi maqondana nalo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Uma isela libanjwe ligqekeza, liyoshaywa lize life, akuyukuba nacala legazi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Uma isela lifunyanwa lifohla, lishaywa, laze lafa, akukho gazi elichithwa phezu kwalo.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 22:2
11 Referans Kwoze  

Kepha anokwazi lokhu ukuthi, uma umninindlu ebewazi umlindo isela eliyakufika ngawo, ubeyakulinda, angavumi ukuba indlu yakhe ifohlwe.


umphindiseli wegazi emfica ngaphandle komkhawulo womuzi wakhe wokuphephela, umphindiseli wegazi embulala umbulali, akayikuba nacala legazi,


ngokuba nina uqobo niyazi kahle ukuthi usuku lweNkosi luza njengesela ebusuku.


Batheleka emzini, bagijima ogangeni; bakhuphukela ezindlini, bangena ngamafasitele njengesela.


“Lapho bengiyakumphulukisa u-Israyeli, bambulelwa ububi buka-Efrayimi nokubi kweSamariya, ngokuba benza inkohliso, amasela ayafohla, nabaphangi baphanga ngaphandle.


Bayaxoshwa phakathi kwabantu; bamemeza emva kwabo njengasemva kwamasela.


Umbulali uvuka ekuseni, abulale ompofu noswelayo; ebusuku unjengesela.


Ngokuba makungabikho kini ohlupheka ngokuba engumbulali, noma eyisela, noma engowenza okubi, noma engozigaxa ezindabeni zabanye;


Bafohla izindlu sekumnyama; emini bayazivalela; ukukhanya abakwazi.


Nasemiphethweni yakho kufunyenwe igazi labampofu abangenacala, kungabi ngukuthi ubafumene befohla. Kepha kukho konke lokhu


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite