Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 21:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Uma sisibi emehlweni enkosi yaso ezimisele sona, yovuma ukuba sihlengwe; ayiyukuba namandla okuthengisa ngaso kubo abafokazi, njengokuba isiphathe ngenkohliso.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Uma singamthokozisi umniniso, owasikhetha ukuba sibe ngesakhe, uyakuvuma ukuba sihlengwe; akayukuba nalungelo lokuba asidayisele abantu bezizwe, lokhu engasiphathanga kahle yena.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Uma ingathokozisi inkosi yaso, eyakugana yona, iyakumvumela ukuba ahlengwe; ukuyithengisa esizweni sabezizwe, ayiyikuba namandla, ngokuba iyenze ngobuqili kuyo.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 21:8
13 Referans Kwoze  

Uyise nonina base bethi kuye: “Akakho yini owesifazane phakathi kwamadodakazi abafowenu noma phakathi kwabo bonke abantu bami, ukuze uye kuthatha umfazi kumaFilisti angasokile, na?” USamsoni wathi kuyise: “Ngithathele yena, ngokuba uyathandeka kimi.”


uma nimphathile kahle uJerubali* nendlu yakhe namuhla, thokozani ngo-Abimeleki, naye athokoze ngani;


Ngumuphi umuntu onengoduso engayithathanga na? Makahambe, abuyele endlini yakhe, funa afele empini, omunye umuntu ayithathe.’


Wathi uMose: “Bheka, ngiyaphuma kuwe; ngiyakuncenga uJehova ukuba izibawu zimuke, zisuke kuFaro, nakuzo izinceku zakhe, nakubantu bakhe ngomuso; kodwa uFaro angabuyi akhohlise ngokungavumeli abantu ukuba bahambe bahlabele uJehova.”


khona u-Esawu wabona ukuthi amadodakazi aseKhanani mabi emehlweni ka-Isaka uyise,


Abafowethu bambuluzile njengomfula, njengemithonjana yemifula eshayo,


USawule wathukuthela kakhulu, laba libi lelo zwi emehlweni akhe; wathi: “Bamnike uDavide izinkulungwane eziyishumi, kepha mina banginike izinkulungwane nje; sekumsalele umbuso kuphela.”


Kepha leyo nto yaba mbi emehlweni kaSamuweli, lapho bethi: “Siphe inkosi ukuba isahlulele.” USamuweli wayesekhuleka kuJehova.


“Uma umuntu ethengisa ngendodakazi yakhe, ibe yisigqilakazi, ayiyikuphuma njengalokhu ziphuma izigqila.


Uma isimisela indodana yayo, yosiphatha njengamadodakazi.


Ngiyakwenza izwe libe yincithakalo, ngokuba benze isiphambeko, isho iNkosi uJehova.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite