Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 21:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Yilezi izahlulelo ozakuzimisa phambi kwabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 “Yilezi izehlulelo ozakuzimisa phambi kwabo:

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Lezi yizahlulelo okumelwe uzenze kubo.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 21:1
27 Referans Kwoze  

UJehova wanginika ngaleso sikhathi ukunifundisa izimiso nezahlulelo ukuba nizenze ezweni eningena kulo ukulidla.


“Lapho indodana yakho ikubuza ngesikhathi esizayo, ithi: ‘Buyini ubufakazi, nezimiso, nezahlulelo uJehova uNkulunkulu wethu aniyale ngakho na?’


Elokugcina-ke, bazalwane, siyaninxusa, siyaniyala ngeNkosi uJesu ukuba njengalokho nakwamukela kithi ukuthi nifanele ukuhamba nokumthokozisa kanjani uNkulunkulu, njengalokho nihamba kanjalo, manivame kakhulu kulokho.


nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke kuze kube sekupheleni kwezwe.”


“Khumbulani umthetho kaMose inceku yami engamyala ngawo eHorebe ngaye wonke u-Israyeli, waba yizimiso nezahlulelo.


Nami ngabanika izimiso ezazingezinhle nezahlulelo ababengayikuphila ngazo.


Ngabanika izimiso zami, ngabazisa izahlulelo zami umuntu ayakuphila ngazo uma ezenza.


Uyatshengisa izwi lakhe kuJakobe, izimiso zakhe nezahlulelo zakhe ku-Israyeli.


babambelela kubafowabo, abakhulu babo, benza isithembiso nesifungo sokuba bahambe emthethweni kaNkulunkulu owanikwa ngesandla sikaMose inceku kaNkulunkulu, bagcine, benze yonke imiyalo kaJehova iNkosi yethu, nezahlulelo zakhe, nezimiso zakhe


Yonke imibango efika kini ivela kubafowenu abahlala emizini yabo phakathi kwegazi negazi, noma phakathi komthetho nomyalo, noma phakathi kwezimiso nezahlulelo, niyakubaxwayisa ngayo ukuba bangabi nacala kuJehova, nehlelwe yintukuthelo nina nabafowenu; yenzani njalo, aniyikuba nacala.


“Kumi kanje maqondana nale ndlu oyakhayo: uma uyakuhamba ngezimiso zami, wenze izahlulelo zami, ugcine yonke imiyalo yami ukuba uhambe ngayo, ngiyakugcwalisa kuwe izwi engalikhuluma kuDavide uyihlo:


“Nansi imiyalo, nezimiso, nezahlulelo uJehova uNkulunkulu wenu ayala ukuba nifundiswe khona, nikwenze ezweni eniya kulo ukulidla,


Kepha wena, yima lapha ngakimi, ngikhulume kuwe yonke imiyalo, nezimiso, nezahlulelo oyakubafundisa khona ukuba bakwenze ezweni engibanika lona ukuba balidle.’


UMose wayesebiza wonke u-Israyeli, wathi kuye: “Yizwa, Israyeli, izimiso nezahlulelo engizikhuluma ezindlebeni zakho namuhla ukuba uzifunde, uqaphele ukuzenza.


yibo ubufakazi, nezimiso, nezahlulelo uMose akukhulumayo kubantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibithe,


Yisiphi isizwe esikhulu esinezimiso nezahlulelo ezilungile njengawo wonke lo mthetho engiwubeka phambi kwenu namuhla na?


“Bhekani, nginifundisile izimiso nezahlulelo njengokungiyala kukaJehova uNkulunkulu wami ukuthi niyakwenza kanjalo phakathi kwezwe eningena kulo ukulidla.


Leyo iyimiyalo nezahlulelo uJehova ayala ngakho ngesandla sikaMose abantwana bakwa-Israyeli emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko.


khona inhlangano iyakwahlulela phakathi koshayileyo nomphindiseli wegazi ngokwalezi zahlulelo;


“ ‘Ngalokho anogcina zonke izimiso zami, nazo zonke izahlulelo zami, nizenze ukuba izwe lapho nginiyisa khona ukuba nihlale kulo linganihlanzi.


“ ‘Anogcina zonke izimiso zami nazo zonke izahlulelo zami, nizenze; nginguJehova.’ ”


Gcinani izimiso zami nezahlulelo zami, ningenzi nesisodwa salezo zinengiso, noma owokuzalwa ekhaya noma umfokazi ogogobeleyo phakathi kwenu


Ngalokho anogcina izimiso zami nezahlulelo zami; uma umuntu ezenza, uyakuphila ngazo; nginguJehova.


UMose wafika, wabiza amalunga abantu, wabeka phambi kwabo onke lawo mazwi uJehova amyale ngawo.


“Uma umfowenu, umHeberu noma umHeberukazi, ethengiswa kuwe, akukhonze iminyaka eyisithupha, ngomnyaka wesikhombisa uyakumyekela ukuba ahambe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite