Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 20:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 “Khumbula usuku lwesabatha, ulungcwelise.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Khumbula usuku lwesabatha, ulungcwelise.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Khumbula usuku lwesabatha, ulungcwelise.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 20:8
22 Referans Kwoze  

“ ‘Anogcina amasabatha ami, nihloniphe indlu yami engcwele; nginguJehova.


“ ‘Yilowo nalowo makahloniphe unina noyise, nigcine amasabatha ami; nginguJehova uNkulunkulu wenu.


UNkulunkulu wabusisa usuku lwesikhombisa, walungcwelisa, ngokuba ngalolo suku waphumula emisebenzini yonke abeyidalile uNkulunkulu, wayenza.


“ ‘Umsebenzi uyakwenziwa izinsuku eziyisithupha; kepha ngosuku lwesikhombisa kuyisabatha lokuphumula okuzothileyo, umhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi; kuyisabatha kuJehova ezindlini zenu zonke.


“ ‘Anogcina amasabatha ami, nihloniphe indlu yami engcwele; nginguJehova.


“Izinsuku eziyisithupha wosebenza umsebenzi wakho, uphumule ngosuku lwesikhombisa ukuba inkabi yakho nembongolo yakho ziphumule, bahlunyelelwe indodana yencekukazi yakho nomfokazi.


UNkulunkulu waqeda ngosuku lwesikhombisa imisebenzi yakhe abeyenzile; waphumula ngosuku lwesikhombisa emisebenzini yakhe yonke abeyenzile.


“ ‘Gcina usuku lwesabatha, ulungcwelise, njengalokho uJehova uNkulunkulu wakho ekuyalile.


wabazisa isabatha lakho elingcwele, wabayala ngemiyalo, nangezimiso, nangomthetho ngesandla sikaMose inceku yakho;


Ngalezo zinsuku ngabona kwaJuda abanyathela izikhamo zewayini ngesabatha nabaletha izithungu zamabele, bethwesa izimbongolo, newayini, nezithelo zewayini, namakhiwane, nemithwalo yonke, bekungenisa eJerusalema ngosuku lwesabatha; ngabaxwayisa ngosuku abathengisa ngalo lokho kudla.


Ubusisiwe umuntu owenza lokhu, nendodana yomuntu ebambelela kukho, ogcina isabatha engaloni, osibamba isandla sakhe ukuba singenzi nakuphi okubi.”


futhi ningakhiphi mthwalo ezindlini zenu ngosuku lwesabatha, ningasebenzi msebenzi, kepha lungcweliseni usuku lwesabatha njengokuyala kwami oyihlo,


Kuyakuthi uma ningilalela nokungilalela, usho uJehova, ukuba ningangenisi mthwalo ngamasango alo muzi ngosuku lwesabatha, nilungcwelise usuku lwesabatha ukuze ningenzi ngalo umsebenzi,


UJehova wakhuluma kuMose, wathi:


UMose wabutha yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, wathi kuyo: “Yilawa mazwi awayalile uJehova ukuba niwenze.


Abantwana bakwa-Israyeli besesehlane bafumana umuntu otheza izinkuni ngosuku lwesabatha.


“Uma ulubuyisa unyawo lwakho kulo isabatha, ukuze ungenzi umsebenzi wakho ngosuku lwami olungcwele, ulibize isabatha ngokuthi intokozo, nolungcwele lukaJehova ngokuthi lunodumo, uludumise, ungahambi ngezindlela zakho, ungawuqhubi umsebenzi wakho, ukhulume ize,


usho kanje uJehova, uthi: Xwayani ngenxa yemiphefumulo yenu ukuba ningathwali mthwalo ngosuku lwesabatha, ningawungenisi ngamasango aseJerusalema;


ningcwelise amasabatha ami, abe yisibonakaliso phakathi kwami nani, ukuze nazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite