Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 2:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Kwase kwehla indodakazi kaFaro ukuyogeza emfuleni; amantombazana ayo ahamba eceleni komfula; ibona ibhokisi emhlangeni yathuma intombazana ukulilanda.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Kwase kwehla indodakazi kaFaro iyogeza emfuleni, abaphelezeli bayo bagudla osebeni lomfula; yayisibona ubhasikidi emhlangeni, yayisithumela umsizi wayo ukuyowulanda.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Indodakazi kaFaro yehla ukuyogeza emfuleni; bheka, intombazane yayihamba eceleni komfula; lapho ebona umkhumbi phakathi kwezinhlaka, wathumela incekukazi yakhe ukuba iwulande.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 2:5
12 Referans Kwoze  

eselahliwe, indodakazi kaFaro yamthola, yazondlela yena ukuba abe yindodana yayo.


“Ngenxa yokubandezeka kwabahluphekileyo nangokububula kwabampofu ngizakuvuka kalokhu,” usho uJehova, “ngimbeke ekusindisweni akulangazelelayo.”


UJehova uyinqaba yocindezelweyo, uyinqaba ezikhathini zokuhlupheka.


UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu; ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni.


UJehova wayesethi kuMose: “Vuka ekuseni kusasa, ume phambi kukaFaro; bheka, uyaphuma ukuya emanzini; thana kuye: ‘UJehova usho kanje, uthi: Bavumele abantu bami ukuba bahambe bangikhonze.


Yana kuFaro kusasa ekuseni; bheka, uyaphuma ukuya emanzini; yima ogwini lomfula ukumhlangabeza; induku eyaphenduka inyoka woyiphatha ngesandla sakho.


Inhliziyo yenkosi isesandleni sikaJehova njengemifula yamanzi; uyayiphendulela lapho ethanda khona.


Ngokuba ulaka lomuntu luyakukudumisa; insalelo yolaka uyakuyibhinca.


Amagwababa amlethela isinkwa nenyama ekuseni, nesinkwa nenyama kusihlwa, waphuza emfudlaneni.


UJehova wamisela inhlanzi enkulu ukuba imgwinye uJona; uJona wayesezibilinini zenhlanzi izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.


UJehova wakhuluma kuyo inhlanzi, yamhlanzela uJona emhlabathini owomileyo.


Yalivula, yabona umntwana; bheka, kwakungumfana; wakhala. Yamhawukela, yathi: “Lona ungowabantwana bamaHeberu.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite