Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 2:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 UFaro esekuzwile lokho wafuna ukumbulala uMose. Kepha uMose wabaleka ebusweni bukaFaro, wahlala ezweni lakwaMidiyani; wahlala phansi ngasemthonjeni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 Lapho uFaro esezwile ngalokho wafuna ukumbulala uMose. Kepha uMose wabaleka phambi kukaFaro, wayohlala kwaMidiyani, wahlala phansi eduze komthombo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 UFaro esekuzwile lokho wazama ukumbulala uMose. Kepha uMose wabaleka ebusweni bukaFaro, waya wahlala ezweni lakwaMidiyani, wahlala phansi ngasemthonjeni.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 2:15
17 Referans Kwoze  

Ngokukholwa washiya iGibithe engesabi ulaka lwenkosi; ngokuba wakhuthazela sengathi uyambona ongabonwayo.


Khona uMose wabaleka ngenxa yalelo zwi, waba ngumfokazi ezweni lakwaMidiyani, lapho azala khona amadodana amabili.


Yaguqisa amakamela ayo ngaphandle komuzi ngasemthonjeni wamanzi kusihlwa, ngesikhathi abaphuma ngaso abesifazane ukuyokukha amanzi.


Wabheka, nanko umthombo endle, nemihlambi emithathu yezimvu ilele ngakuwo, ngokuba kulowo mthombo babephuzisa imihlambi; itshe elalisemlonyeni womthombo lalilikhulu kakhulu.


Wawukhona lapho umthombo kaJakobe. Ngakho uJesu ekhathele ukuhamba wayesehlala ngasemthonjeni. Kwakungaba yihora lesithupha.


Nxa benizingela komunye umuzi, anobalekela komunye; ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Aniyikuqeda imizi yakwa-Israyeli, ingakafiki iNdodana yomuntu.


Qqondileyo uyabona ububi, acashe, kepha abangenalwazi badlula nje, bahlupheke ngakho.


UJehova wathi kuMose kwaMidiyani: “Hamba ubuyele eGibithe, ngokuba sebafa abantu bonke abafuna ukukubulala.”


Amadodana kaMidiyani ayengo-Efa, no-Eferi, noHanoki, no-Abida, no-Elidaha. Bonke labo babengamadodana kaKetura.


Wamzalela oZimrani, noJokishani, noMedani, noMidiyani, no-Ishibaki, noShuwa.


igama lenye lalingu-Eliyezeri, ngokuba wathi: “UNkulunkulu kababa ubelusizo lwami, wangophula enkembeni kaFaro.”


Basuka kwaMidiyani, beza ePharanu; bathatha amadoda ePharanu, baya nawo eGibithe kuFaro inkosi yaseGibithe; yena wamnika indlu, wamnqumela ukudla, wamnika nezwe.


Ngibona amatende aseKushani ephansi kosizi, izilenge zezwe lakwaMidiyani ziyathuthumela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite