Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 2:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Kwathi ngalezo zinsuku uMose esekhulile, waphuma, waya kubafowabo, wabuka imithwalo yabo; wabona owaseGibithe eshaya umHeberu, omunye wabafowabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Langa limbe uMose esekhulile, waya kubantu bakubo, wabubona ubunzima ababebuthwele; wabona umGibhithe eshaya umHebheru ongomunye wabantu bakubo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngalezo zinsuku uMose esekhulile waphuma ukuyobheka abafowabo nemithwalo yabo; futhi wabulala umGibhithe owayeshaye umHebheru, omunye wabafowabo.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 2:11
13 Referans Kwoze  

Kwase kubekwa phezu kwabo izinduna zokubasebenzisa ezabahlupha ngemithwalo yazo. Bamakhela uFaro imizi yokubekelela, iPitomu neRamesesi.


“UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu, ingithumele ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, nokubona kwabayizimpumputhe, nokuhlenga abacindezelweyo,


“Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza.


“Akusikho lokhu kuzila engikukhethileyo yini: ukuthukulula izibopho zobubi nokuxegisa imichilo yejoka; ukukhulula abacindezelwayo nokwaphula onke amajoka na?


Wayesethi uJehova: “Ngibonile nokubona ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibithe; ngizwile ukukhala kwabo ngenxa yabacindezeli babo, ngokuba ngiyazazi izinsizi zabo;


Izinduna zabantwana bakwa-Israyeli abazibeke phezu kwabo abaphathi bakaFaro zashaywa, zabuzwa ukuthi: “Aniqedanga ngani umsebenzi wenu izolo nanamuhla ukubumba izitini njengaphambili na?”


Mayenziwe ibe nzima imisebenzi phezu kwabantu, bayisebenze, banganakekeli amazwi okukhohlisa.”


Inkosi yaseGibithe yathi kubo: “Nibakhumulelani abantu emithwalweni yabo nina Mose no-Aroni na? Hambani, niye emisebenzini yenu.”


UFaro wathi: “Bheka, abantu sebebaningi ezweni, nokho niyabaphumuza emithwalweni yabo.”


“Ngalokho yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuthi: ‘NginguJehova; ngizakunikhipha emithwalweni yabaseGibithe, nginikhulule ebugqileni benu, nginihlenge ngengalo eyeluliweyo nangezahlulelo ezinkulu.


Ngiyakunithatha nibe yisizwe sami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu; niyokwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu onikhipha emithwalweni yabaseGibithe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite