Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 19:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Wena-ke wobamisela abantu umkhawulo nxazonke, uthi: ‘Xwayani ukuba ningakhuphukeli entabeni, ningathinti umkhawulo wayo. Lowo othinta intaba uyakubulawa impela;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Uyakubamisela abantu umngcele nxazonke, uthi: ‘Qaphelani ningenyukeli entabeni, noma nithinte umngcele wayo. Noma ngubani othinta intaba uyakubulawa impela.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Uzabeka imingcele nxazonke zabantu uthi: Ziqapheleni ukuthi aniyikukhuphuka intaba, ningathinti umkhawulo wayo;

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 19:12
11 Referans Kwoze  

Nokho kuyakuba khona ibanga phakathi kwenu nawo, lingangezingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngokulinganisa, ningasondeli kuwo, ukuba nazi indlela eniyakuhamba ngayo, ngokuba anidlulanga ngale ndlela phambili.”


“Kepha xwaya, ugcine kahle umphefumulo wakho, funa ukhohlwe izinto azibonayo amehlo akho, zimuke enhliziyweni yakho izinsuku zonke zokuhamba kwakho; bazise zona abantwana bakho nabantwana babantwana bakho:


Yala abantu ngokuthi: “Niyakudabula umkhawulo wabafowenu, abantwana bakwa-Esawu abahlala eSeyiri; bayakunesaba, kepha maniqaphele nokho,


Xwaya ukuba ungasenzi isivumelwano nabakhileyo ezweni oya kulo, funa babe lugibe kuwe.


UMose wathi kuJehova: “Abantu abanakukhuphukela entabeni yaseSinayi, ngokuba usiyalisisile, wathi: ‘Yimisele intaba umkhawulo, uyingcwelise.’ ”


UJehova wayesethi kuMose: “Yehla, ubaxwayise abantu, funa bafohle ukuba babone uJehova, kufe abaningi kubo.


UFaro wathi kuye: “Suka kimi, uqaphele ukuba ungabuboni ubuso bami futhi; ngokuba mhla ubona ubuso bami, uyakufa.”


Ngokuba anizanga entabeni ephathekayo nesha umlilo, nasekufiphaleni, nasebumnyameni, nasesivunguvungwini,


Akuyikukhuphuka muntu nawe, kungabonakali muntu entabeni yonke, futhi kungaklabi zimvu nazinkomo ngaphambi kwaleyo ntaba.”


UMose yedwa uyakusondela kuJehova, kepha bona abayikusondela; nabantu abayikukhuphuka naye.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite