Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 19:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 babe sebelungile ngosuku lwesithathu; ngokuba ngosuku lwesithathu uJehova uyakwehlela entabeni yaseSinayi emehlweni abantu bonke.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 bazilungiselele usuku lwesithathu, ngokuba ngosuku lwesithathu uSimakade uyokwehlela entabeni iSinayi phambi kwabantu bonke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Nizilungiselele ngosuku lwesithathu, ngokuba ngosuku lwesithathu uJehova uyakwehla phambi kwamehlo abo bonke abantu entabeni yaseSinayi.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 19:11
20 Referans Kwoze  

Kwathi ngosuku lwesithathu sekusile, kwaba khona ukuduma nokunyazima kombani, nefu elinzima phezu kwentaba, nezwi lecilongo elizwakala kakhulu; bonke abantu abasekamu* bathuthumela.


“UJehova wavela eSinayi, wabaphumela evela eSeyiri, wanyampuza entabeni yasePharanu, weza ephuma ezigidini zendawo engcwele; ngakwesokunene sakhe kwavutha umlilo.


UJehova wehla ngefu, wema naye lapho, wamemezela igama likaJehova.


Ngokuba ngehle ezulwini kungengukuba ngenze intando yami, kodwa ukuba ngenze intando yongithumileyo.


Akakho owenyukele ezulwini, kuphela yena owehla ezulwini, iNdodana yomuntu.


Thobisa amazulu akho, Jehova, wehle; thinta izintaba, zithunqe.


Wathobisa izulu, wehla; ubumnyama babuphansi kwezinyawo zakhe.


Ngiyakwehla, ngikhulume nawe khona, ngithathe okomoya ophezu kwakho, ngikubeke kuwo; ayakuthwala umthwalo wabantu kanye nawe, ukuze ungawuthwali wedwa.


UJehova wehlela phezu kwentaba yaseSinayi esiqongweni sentaba; uJehova wambiza uMose ukuba eze esiqongweni sentaba; uMose wakhuphuka-ke.


Yonke intaba yaseSinayi yathunqa umusi, ngokuba uJehova wehlela phezu kwayo ngomlilo; umusi wayo wenyuka njengomusi wesithando; intaba yonke yazamazama kakhulu.


ngehle ukuba ngibophule esandleni sabaseGibithe, ngibakhuphule kulelo zwe, ngibayise ezweni elihle elibanzi, izwe elichichima ubisi nezinyosi, indawo yamaKhanani, neyamaHeti, neyama-Amori, neyamaPherizi, neyamaHivi, neyamaJebusi.


UJehova wehla ukuba abone umuzi nombhoshongo okwakhiwa ngabantwana babantu.


Mawube usulungele kusasa, ukhuphukele entabeni yaseSinayi ekuseni, ume khona phambi kwami esiqongweni sentaba.


UJoshuwa wathi kubantu: “Zingcweliseni, ngokuba kusasa uJehova uyakwenza izimangaliso phakathi kwenu.”


“Wehlela entabeni yaseSinayi, wakhuluma nabo usezulwini, wabanika izahlulelo ezilungileyo, nemithetho eqinisileyo, nezimiso, nemiyalo emihle;


Inkazimulo kaJehova yahlala entabeni yaseSinayi, ifu layisibekela izinsuku eziyisithupha; ngosuku lwesikhombisa esefwini wambiza uMose.


Ukubonakala kwenkazimulo kaJehova kwakunjengomlilo oqedayo esiqongweni sentaba emehlweni abantwana bakwa-Israyeli.


usuku owema ngalo phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho eHorebe, lapho uJehova wathi kimi: ‘Ngibuthele abantu, ngibezwise amazwi ami ukuba bafunde ukungesaba zonke izinsuku zokuhamba kwabo emhlabeni, bafundise nabantwana babo.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite