Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 17:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Kodwa izandla zikaMose zaba nzima; bathatha itshe, walibeka phambi kwakhe, wahlala kulo; o-Aroni noHure basekela izandla zakhe, omunye engalapha, omunye engalapha; zase zihlala ziqinile izandla zakhe laze lashona ilanga.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Kodwa izandla zikaMose zase zikhathele, ngakho-ke bathatha itshe balibeka phansi kwakhe, wahlala kulo. U-Aroni noHure baphakamisa izandla zakhe, omunye kuleli cala nomunye kwelinye icala, izandla zama kanjalo ziqinile laze lashona ilanga.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Kodwa izandla zikaMose zazinzima; bathatha itshe, balibeka phansi kwakhe, wahlala phezu kwalo; o-Aroni noHure baphakamisa izandla zakhe, omunye ngalapha, omunye engalapha; izandla zakhe zaziqinile laze lashona ilanga.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 17:12
15 Referans Kwoze  

Qinisani izandla ezibuthakathaka, nimise amadolo axegayo.


ngokuba ngiyazi ukuthi lokhu kuyakungenzela ukusindiswa ngokunxusa kwenu nangokusiza kukaMoya kaJesu Kristu,


Ngakho-ke qinisani izandla ezibuthakathaka namadolo axegayo,


ngokukhuleka konke nokunxusa, nikhuleka ngezikhathi zonke ngoMoya; kulokho nilinde ngesineke sonke nangokunxusela abangcwele bonke,


Nani nisizana nathi ngokusinxusela, ukuze umusa esiwuphiweyo ngokucela kwabaningi siwubongelwe ngabaningi.


Kepha makacele ngokukholwa engangabazi ngalutho; ngokuba ongabazayo unjengedlambi lolwandle eliqhutshwa, ligujiswa ngumoya.


Hosha umkhonto, uvimbe indlela kwabangizingelayo; yisho kuwo umphefumulo wami, uthi: “Mina ngiyinsindiso yakho.”


Qiniselani ekukhulekeni, nilinde kukho ninokubonga.


Kwathi uMose esephakamisile isandla sakhe, u-Israyeli wahlula, kepha nxa esehlisa, u-Amaleki wahlula.


UJoshuwa wamchitha u-Amaleki nabantu bakhe ngosiko lwenkemba.


Wathi kumalunga: “Manisihlalele lapha, size sibuyele kini; bhekani, o-Aroni noHure bakini; yilowo nalowo onendaba makaye kubo.”


UJoshuwa akabuyisanga isandla sakhe awelula ngaso umkhonto, engakaqothuli bonke abakhileyo e-Ayi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite