Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 16:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 UMose wathi: “Lokhu kuzakwenzeka, lapho uJehova eyakuninika inyama kusihlwa ukuba nidle, nasekuseni isinkwa ukuze nisuthe; ngokuba uJehova uyezwa izinkonono zenu enikhonona ngaye ngazo; thina siyini? Izinkonono zenu azingathi, zingoJehova.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 UMose wayesethi: “Lapho uSimakade enipha inyama ukuba nidle kusihlwa, nesinkwa esanele ekuseni, kungokuba uSimakade ekuzwile enikhononda ngakho ngaye, thina-ke besingobani? Ukukhononda kwenu anikubhekisile kithi, kodwa kuSimakade.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Wayesethi uMose: “Kuyakuthi uma uJehova eninika inyama kusihlwa ukuba nidle, nesinkwa ekuseni nisuthe; ngokuba uJehova uyezwa ukububula kwenu ngaye. Futhi siyini? anikhononi ngathi, kepha niphikisana neNkosi.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 16:8
17 Referans Kwoze  

Ngakho-ke omelana namandla ombuso umelana nesimiso sikaNkulunkulu; kepha abamelana nakho bayakwamukeliswa ukulahlwa.


UJehova wathi kuSamuweli: “Lalela izwi labantu kukho konke abakushoyo kuwe, ngokuba akusuwe abakulahlileyo, kepha balahle mina, ukuze ngingabi yinkosi phezu kwabo.


Ngakho-ke owalayo akali umuntu, kepha wala uNkulunkulu, yena oninika uMoya wakhe oNgcwele.


“Onizwayo nina uyangizwa mina; onalayo nina uyangala mina; ongalayo mina uyamala ongithumileyo.”


“Koze kube nini le nhlangano embi ikhonona ngami na? Ngizwile ukukhonona kwabantwana bakwa-Israyeli abakhonona ngakho ngami.


Abantu bafika kuMose, bathi: “Sonile, ngokuba sikhulume kabi ngoJehova nangawe; khuleka kuJehova ukuba asuse izinyoka kithi.” UMose wabakhulekela abantu.


Futhi ningakhononi njengabanye kubo bakhonona, babhujiswa ngumbulali.


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Owamukela engimthumayo wamukela mina; ongamukelayo mina wamukela ongithumileyo.”


“Onamukela nina uyangamukela mina; ongamukela mina uyamamukela ongithumileyo.


UJesu ezazi izizindlo zabo wathi: “Nizindlelani okubi ezinhliziyweni zenu na?


Ngenxa yokubhovumula kwakho ngami, nangokuba ukuzidla kwakho kwenyukele ezindlebeni zami, ngiyakufaka ingwegwe yami emakhaleni akho netomu lami emlonyeni wakho, ngikubuyise ngendlela oweza ngayo.


Ngokuba isiwula siyakukhuluma ubuwula, nenhliziyo yaso iyakusebenza ububi, yenze ukungamesabi uNkulunkulu, ikhulume okuphambene noNkulunkulu, yenze ukuba olambileyo abe nephango, nowomileyo ukuba aswele uphuzo lwakhe.


“Ngizwile izinkonono zabantwana bakwa-Israyeli; khuluma kubo, uthi: ‘Ngakusihlwa niyakudla inyama, kusasa nisuthe isinkwa, nize nazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu.’ ”


UMose wathi ku-Aroni: “Yisho kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ukuthi: ‘Sondelani phambi kukaJehova, ngokuba uzwile izinkonono zenu.’ ”


Ngalokho abantu baphikisana noMose, bathi: “Siphe amanzi, siphuze.” UMose wathi kubo: “Yini ukuba niphikisane nami na? Nimlingelani uJehova na?”


“Yisho kubantu ukuthi: ‘Zingcweliseleni olwangakusasa, niyakudla inyama, lokhu nikhalile ezindlebeni zikaJehova ngokuthi: “Ngubani oyakusipha inyama ukuba sidle, ngokuba kwakukuhle kithi eGibithe,” ngalokho uJehova uyakuninika inyama, nize nidle.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite