Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 16:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 OMose no-Aroni bathi kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli: “Ngakusihlwa niyakwazi ukuthi uJehova unikhiphile ezweni laseGibithe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 UMose no-Aroni bathi kubantu bakwa-Israyeli: “Kusihlwa nizokwazi ukuthi nguSimakade owanikhipha eGibhithe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 OMose no-Aroni base bethi kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli: “Ngakusihlwa niyakwazi ukuthi uJehova unikhiphile ezweni laseGibhithe.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 16:6
14 Referans Kwoze  

Ngiyakunithatha nibe yisizwe sami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu; niyokwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu onikhipha emithwalweni yabaseGibithe.


Kepha uma uJehova edala into entsha, umhlaba uvule umlomo wawo, ubagwinye kanye nakho konke okwabo, bashone besezwa endaweni yabafileyo, niyakuqonda ukuthi laba bantu bamdelele uJehova.”


UMose wathi: “Niyakwazi ngalokhu ukuthi uJehova ungithumile ukwenza yonke le misebenzi, ngokuba angiyenzanga ngowami umqondo.


Wahola abantu bakho njengezimvu ngesandla sikaMose no-Aroni.


UMose wamshweleza uJehova uNkulunkulu wakhe, wathi: “Jehova, ulaka lwakho lubavuthelelani abantu bakho owabakhuphula ezweni laseGibithe ngamandla amakhulu nangesandla esiqinileyo na?


UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Hamba wehle, ngokuba abantu bakho owabakhuphula ezweni laseGibithe benzile isono;


Abantu sebebone ukuthi uMose ulibele ukwehla entabeni, abantu babuthana ku-Aroni, bathi kuye: “Vuka usenzele onkulunkulu abazakuhamba phambi kwethu, ngokuba uMose lowo, umuntu owasikhuphula ezweni laseGibithe, asazi ukuthi wehlelwe yini.”


UMose wathi: “Lokhu kuzakwenzeka, lapho uJehova eyakuninika inyama kusihlwa ukuba nidle, nasekuseni isinkwa ukuze nisuthe; ngokuba uJehova uyezwa izinkonono zenu enikhonona ngaye ngazo; thina siyini? Izinkonono zenu azingathi, zingoJehova.”


Abantwana bakwa-Israyeli bathi kubo: “Sengathi nga safa ngesandla sikaJehova ezweni laseGibithe, lapho sasihlezi ngasemakhanzini enyama, sidla isinkwa sisutha, ngokuba nisiphumisele kuleli hlane ukuyobulala lonke leli bandla ngendlala.”


Kwathi ngalona lolo suku uJehova wakhipha abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe ngamabandla abo.


“Ngalokho yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuthi: ‘NginguJehova; ngizakunikhipha emithwalweni yabaseGibithe, nginikhulule ebugqileni benu, nginihlenge ngengalo eyeluliweyo nangezahlulelo ezinkulu.


“Kepha abantu bami abalalelanga izwi lami, u-Israyeli akanginakanga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite