Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 16:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 UJehova wayesethi kuMose: “Bheka, ngizakuninisela isinkwa esivela ezulwini; abantu bayakuphuma, babuthe isabelo sosuku imihla ngemihla, ukuze ngibavivinye ukuthi bazakuhamba yini emthethweni wami noma qha.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 USimakade wayesethi kuMose: “Bheka, ngizonisela kini isinkwa esivela ezulwini, abantu bazophuma nsuku zonke babuthe esanele lolo lusuku. Ngaleyo ndlela ngizobavivinya ukuthi bazowugcina yini umthetho wami noma qha.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 UJehova wayesethi kuMose: “Bheka, ngizakuninisela isinkwa esivela ezulwini; futhi abantu kumelwe baphume futhi baqoqe inani elithile nsuku zonke, ukuze ngibavivinye ukuthi bayohamba yini emthethweni wami noma cha.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 16:4
17 Referans Kwoze  

bonke badla kudla kunye komoya;


Bacela, waletha izigwaca, wabasuthisa ngesinkwa sasezulwini.


Woyikhumbula yonke indlela uJehova uNkulunkulu wakho akuholile ngayo le minyaka engamashumi amane ehlane ukuba akuthobise, akuvivinye, azi okusenhliziyweni yakho, uma ubuyakuyigcina imiyalo yakhe noma qha.


Wayesekhala kuJehova; uJehova wambonisa umuthi; wawuphonsa emanzini, amanzi aba mtoti. Wabamisela khona isimiso nomthetho; wabavivinya lapho,


wabanika isinkwa esivela ezulwini ngokulamba kwabo, wabakhiphela amanzi edwaleni ngokoma kwabo, wabayala ukuba bangene ukulidla izwe owaphakamisa ngalo isandla sakho ukuba ubanike lona.


wakupha imana* ehlane, oyihlo ababengalazi, ukuba akuthobise, akuvivinye, akwenzele okuhle ngasekugcineni,


usiphe namuhla isinkwa sethu semihla ngemihla;


Dedisela kude nami okuyize namanga, unganginiki ubumpofu nengcebo, kepha ngiphe isinkwa engisimiselweyo,


Ngokuba kwakukhona umyalo wenkosi ngabo, nomthetho wabahlabeleli njengokufunekayo imihla ngemihla.


Uma kukubi emehlweni enu ukumkhonza uJehova, khethani namuhla ukuthi ngubani eniyakumkhonza, noma onkulunkulu ababakhonzayo oyihlo besengaphesheya koMfula,* noma onkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo; kepha mina nendlu yami siyakumkhonza uJehova.”


usiphe isinkwa sethu sezinsuku zonke imihla ngemihla;


Bakubona abantwana bakwa-Israyeli, bathi omunye komunye: “Yini le?” ngokuba babengazi ukuthi kuyini. UMose wathi kubo: “Kuyisinkwa uJehova aninike sona ukuba nisidle.


Nokho wayala amafu phezulu, wavula iminyango yezulu,


Wabanika nomoya wakho omuhle ukubafundisa; awugodlanga imana* lakho emilonyeni yabo, wabanika amanzi ngokoma kwabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite