Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 15:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Base behlabelela uMose nabantwana bakwa-Israyeli leli gama, bekhuluma bethi: “Ngizakuhlabelela kuJehova, ngokuba uphakeme kakhulu; ihhashi nenkweli yalo ukuphonse elwandle.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 UMose nabantu bakwa-Israyeli bahuba leli hubo kuSimakade, bathi: “Ngizohlabelela kuSimakade, ngokuba uphakeme kakhulu, ihhashi nomgibeli walo ukuphonse olwandle.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 UMozisi labantwana bakoIsrayeli basebehlabela lelihubo ekudumiseni iN, bakhuluma bathi: Ngizahlabelela iNKOSI, ngoba uphakeme kakhulu; Waphonsa ihhashi nomgibeli walo olwandle.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 15:1
27 Referans Kwoze  

Bahlabelela igama likaMose inceku kaNkulunkulu negama leWundlu, bathi: “Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho, Nkosi Nkulunkulu, Mninimandla onke; zilungile, ziqinisile izindlela zakho wena Nkosi yezizwe;


UMiriyamu wabaphendula ngokuthi: “Hlabelelani kuJehova, ngokuba uphakeme kakhulu; ihhashi nenkweli yalo ukuphonse elwandle.”


Khona bakholwa ngamazwi akhe, bahlabelela udumo lwakhe.


Mababonge uJehova ngomusa wakhe nezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.


ebaphucile ababusi nabanamandla izikhali wabathela ngehlazo obala, ebanqoba ngaso.


Mababonge uJehova ngomusa wakhe nangezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.


Kalokhu ngiyazi ukuthi uJehova mkhulu kunabo bonke onkulunkulu, yebo, kulokhu ababebagabisela ngakho.”


UMose wayeselula isandla sakhe phezu kolwandle, ulwandle lwabuyela endaweni yalo ngokufika kokusa; abaseGibithe balubalekela; uJehova wabathuntuthela abaseGibithe phakathi kolwandle.


U-Israyeli wayesehlabelela lesi sihlabelelo sokuthi: “Mpompoza, mthombo, nihlabelele kuwo,


Wahlukanisa ulwandle phambi kwabo, badabula phakathi kolwandle emhlabathini owomileyo; nababaxoshayo wabaphonsa otweni njengetshe emanzini anamandla.


Khumbula ukukhulisa izenzo zakhe abahlabelela ngazo abantu.


Wena uyindawo yami yokucasha; uyangilondoloza ngingahlupheki; ungiphahla ngenjabulo yokukhululwa. Sela*


Ngokusola kwakho, Nkulunkulu kaJakobe, kwehlelwa ngubuthongo inqola kanye nehhashi.


Wayesekhipha abantu bakhe ngokujabula, abakhethiweyo bakhe ngokuthokoza.


Esiphambekweni somuntu omubi kukhona ugibe, kepha olungileyo uyenanela, athokoze.


Mhubeleni uJehova ihubo elisha, nodumo lwakhe, kusukela emikhawulweni yomhlaba, nina enehlela elwandle nakho konke okukulo, nina ziqhingi nabakhileyo kuzo.


ngiphahlaze ngawe ihhashi nenkweli yalo, ngiphahlaze ngawe inqola nohamba ngayo;


nokho mina ngiyakuthokoza ngoJehova, ngijabulele uNkulunkulu wokusindiswa kwami.


Wayesethi uJehova kuMose: “Yelula isandla sakho phezu kolwandle ukuba amanzi abuyele phezu kwabaseGibithe, phezu kwezinqola zabo nabamahhashi babo.”


Wena, yebo, wena uyesabeka; ngubani ongema ebusweni bakho ngesikhathi solaka lwakho na?


Ngiyakususa amagama awoBali emlonyeni wakhe, bangabe besakhunjulwa ngamagama abo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite