Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 14:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro, abalandele; ngiyakudunyiswa ngoFaro nangebandla lakhe lonke; abaseGibithe bayakwazi ukuthi nginguJehova.” Benze njalo-ke.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 “Ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro, uyakubalandela, ukuze ngithole udumo ngoFaro nangempi yakhe yonke; abaseGibhithe bayakukwazi ukuthi nginguSimakade.” Benza kanjalo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro ukuba abalandele; ngiyakudunyiswa phambi kukaFaro naphezu kwempi yakhe yonke; ukuze abaseGibithe bazi ukuthi nginguJehova. Benza kanjalo.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 14:4
36 Referans Kwoze  

Ngokuba umbhalo uthi kuFaro: “Ngakuphakhamisela khona lokhu ukuba ngibonakalise amandla ami kuwe nokuba igama lami lishunyayelwe emhlabeni wonke.”


AbaseGibithe bayokwazi ukuthi nginguJehova, nxa ngelula isandla sami phezu kweGibithe, ngikhiphe abantwana bakwa-Israyeli phakathi kwabo.”


Mina ngiyakuyenza inhliziyo kaFaro ibe lukhuni, ngandise izibonakaliso zami nezimangaliso zami ezweni laseGibithe.


kepha ngikumise ngalokhu ukuba ngikubonise amandla ami, igama lami lishunyayelwe emhlabeni wonke.


UJehova usho kanje, uthi: Ngalokhu uyokwazi ukuthi nginguJehova: bheka, ngenduku esesandleni sami ngiyakushaya phezu kwamanzi asemfuleni, aphenduke igazi.


njengalokho kulotshiwe ukuthi: “UNkulunkulu wabanika umoya wobuthongo, amehlo okungaboni, nezindlebe zokungezwa, kuze kube lusuku lwanamuhla.”


Bonke abantu bezwe bayakubembela, kube ludumo lwabo ngosuku engiyakukhazimuliswa ngalo, isho iNkosi uJehova.


uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “ ‘Bheka, ngimelene nawe Sidoni; ngiyakudunyiswa phakathi kwakho, bazi ukuthi nginguJehova, lapho ngenza ukwahlulela kulo, ngingcweliswe phakathi kwalo.


Ngakwenza ngenxa yegama lami ukuba lingangcoliswa emehlweni ezizwe ababephakathi kwazo, nengazazisa emehlweni azo kubo ngokubakhipha ezweni laseGibithe.


wenza izibonakaliso nezimangaliso kuFaro nasezincekwini zakhe zonke, nakubo bonke abantu bezwe lakhe, ngokuba wazi ukuthi babebaqholoshela, wazenzela igama, njengalokhu kunjalo nanamuhla.


Kalokhu ngiyazi ukuthi uJehova mkhulu kunabo bonke onkulunkulu, yebo, kulokhu ababebagabisela ngakho.”


UJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro inkosi yaseGibithe; waxosha abakwa-Israyeli; ngokuba abantwana bakwa-Israyeli baphuma ngesandla esiphakamileyo.


Ngakho uhawukela lowo athanda ukumhawukela, umenza lukhuni lowo athanda ukumenza lukhuni.


Kepha uJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, kabavumelanga ukuba bahambe.


UFaro uyakuthi ngabantwana bakwa-Israyeli: ‘Badidekile ezweni, ihlane libavalele.’


Inkosi yaseGibithe yabikelwa ukuthi abantu sebebalekile; inhliziyo kaFaro neyezinceku zakhe yabaguqukela abantu, bathi: “Yini lokhu esikwenzileyo, sabavumela abakwa-Israyeli ukuba bahambe, bangasikhonzi, na?”


AbaseGibithe babaxosha, bangena emva kwabo ngaphakathi kolwandle, namahhashi onke kaFaro, nezinqola zakhe, nabamahhashi bakhe.


Wawisa amasondo ezinqola ukuba bahambise kalukhuni, baze bathi abaseGibithe: “Masibaleke ebusweni buka-Israyeli, ngokuba uJehova uyabalwela emelene nabaseGibithe.”


UMose wayesethi ku-Aroni: “Yikho uJehova akukhuluma, ethi: “ ‘Kubo abaseduze nami ngiyakungcweliswa, phambi kwabantu bonke ngiyakukhazimuliswa.’ ” U-Aroni wathula.


Lapho ngiyakwenza izwe laseGibithe libe yincithakalo nehlane, izwe elingasenokugcwala kwalo, lapho ngibulala bonke abakhe kulo, khona bayakwazi ukuthi nginguJehova.’


Ngiyakunithatha nibe yisizwe sami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu; niyokwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu onikhipha emithwalweni yabaseGibithe.


ukuze utshele indodana yakho ezindlebeni nendodana yendodana yakho lokho engikwenzele iGibithe, nezibonakaliso zami engizenzile phakathi kwabo, nize nazi ukuthi nginguJehova.”


Abantwana bakwa-Israyeli basuka, benze njalo; njengalokho uJehova ebayalile oMose no-Aroni, benze njalo-ke.


Ngokuba kwavela kuJehova ukwenza lukhuni izinhliziyo zabo ukuba bahlangabezane no-Israyeli ngokulwa, ukuze abaqothule, angabahawukeli, kepha abachithe, njengalokho uJehova ebemyalile uMose.


Ngiyakusondeza kuwe emfudlaneni iKishoni uSisera induna yempi kaJabini, nezinqola zakhe, nesixuku sakhe, ngimnikele esandleni sakho.’ ”


ukhuphukele ukulwa nabantu bami u-Israyeli njengefu lokusibekela izwe; kuyakuthi ngezinsuku ezizayo ngikuyise kubantu bami ukuze izizwe zingazi, lapho ngizingcwelisa ngawe Gogi emehlweni azo.


Ngiyakuzenza mkhulu, ngizingcwelise, ngizazise emehlweni ezizwe eziningi, zazi ukuthi nginguJehova.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite