Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 13:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Insika yefu emini nensika yomlilo ebusuku ayisukanga ebusweni babantu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 Akayisusanga phambi kwabantu insika yefu emini nensika yomlilo ebusuku.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Akazange asuse insika yefu emini noma insika yomlilo ebusuku phambi kwabantu.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 13:22
9 Referans Kwoze  

Ngase ngibona enye ingelosi enamandla yehla ezulwini yembethe ifu, nothingo lwenkosikazi lwaluphezu kwekhanda layo, nobuso bayo babunjengelanga, nezinyawo zayo zinjengezinsika zomlilo,


UJehova wakhuluma kuMose, wathi:


Ingelosi kaNkulunkulu eyayihambile phambi kwempi ka-Israyeli yasuka yahamba emva kwabo, nensika yefu yasuka phambi kwabo, yema emva kwabo.


Ngosuku itabernakele* elamiswa ngalo ifu lalisibekela itabernakele, itende lobufakazi; ngakusihlwa laliphezu kwetabernakele njengokubonakala komlilo kwaze kwaba sekuseni.


Wabahola ngensika yefu emini nangensika yomlilo ebusuku ukubakhanyisela endleleni ababeyakuhamba ngayo.


nokho wena ngomusa wakho omkhulu awubashiyanga ehlane; insika yefu ayisukanga phezu kwabo emini ukubahola endleleni, nensika yomlilo ebusuku ukubakhanyisela endleleni ababeyakuhamba ngayo.


UJehova uyakudala phezu kwayo yonke indawo yentaba yaseSiyoni naphezu kwemihlangano yayo ifu nomusi emini nokukhanya kwelangabi lomlilo ebusuku, ngokuba phezu kwayo yonke inkazimulo kuyakuba khona isivikelo.


Ngokuba ifu likaJehova laliphezu kwetabernakele emini, nomlilo wawukulo ebusuku emehlweni ayo yonke indlu yakwa-Israyeli ezinkambeni zabo zonke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite