Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 13:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Ngahlukanisele onke amazibulo, konke okuvula isizalo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, kubantu nasezinkomeni; kungokwami.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 “Ngihlukanisele wonke amazibulo; noma yiliphi izibulo elivule isibeletho kwabakwa-Israyeli, kubantu nezilwane, ngokuba lingelami.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngingcwelisele onke amazibulo, konke okuvula isizalo sikanina phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, abantu nezinkomo; ngeyami.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 13:2
19 Referans Kwoze  

njengokulotshiwe emthethweni weNkosi ukuthi: “Konke okwesilisa okuyizibulo kuyakuthiwa okwahlukaniselwe iNkosi”,


Ngokuba onke amazibulo angawami; ngalolo suku engabulala ngalo onke amazibulo ezweni laseGibithe ngazingcwelisela amazibulo onke kwa-Israyeli, awabantu nawezilwane; ayakuba ngawami; nginguJehova.”


“Onke amazibulo amaduna azalwa ezinkomeni zakho nasezimvini zakho wowangcwelisela uJehova uNkulunkulu wakho; awuyikusebenza ngezibulo lezinkomo zakho, ungaligundi izibulo lezimvu zakho.


Konke okuvula isizalo senyama yonke abanikela ngakho kuJehova, okomuntu nokwesilwane, kuyakuba ngokwakho; nokho izibulo lomuntu wolihlenga ngempela, nezibulo lezilwane ezingcolileyo wolihlenga.


“ ‘Kepha izibulo lezilwane elenziwe libe yizibulo kuJehova aliyikungcweliswa muntu; noma liyinkabi noma liyimvu, lingelikaJehova.


Uyakuthi kuFaro: ‘Usho kanje uJehova, uthi: U-Israyeli uyindodana yami, uyizibulo lami.


nasebandleni lamazibulo abhaliwe ezulwini, nakuNkulunkulu, uMahluleli wabo bonke, nakuyo imimoya yabalungileyo abaphelelisiweyo,


“Ukuqala kolibo lwezwe lakho wokuletha endlini kaJehova uNkulunkulu wakho. Awuyikupheka izinyane lembuzi obisini lukanina.


UJehova wakhuluma kuMose, wathi:


“Mina ngikhiphile amaLevi phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli esikhundleni samazibulo onke avula isizalo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; amaLevi ayakuba ngawami.


kulethwe endlini kaNkulunkulu wethu namazibulo amadodana ethu, nawezimpahla zethu njengokulotshiweyo emthethweni, namazibulo ezinkomo zethu nawezimvu zethu, kubapristi abakhonza endlini kaNkulunkulu wethu;


“ ‘Wawathatha amadodana akho namadodakazi akho owangizalela wona, wawahlabela zona ukuba adliwe. Babubuncane ubufebe bakho


ukuba ubulale abantwana bami, unikele ngabo kuzo ngokubadabulisa emlilweni, na?


“Awuyikuthuka uNkulunkulu, ungaqalekisi induna yabantu bakini.


silethe ulibo lomgqakazo wethu, neminikelo yethu yokuphakanyiswa, nezithelo zemithi yezinhlobo zonke, newayini namafutha kubapristi emakamelweni endlu kaNkulunkulu wethu, nokweshumi komhlabathi wethu kumaLevi, ngokuba wona amaLevi amukela okweshumi emizini yonke esilima kuyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite