Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UEksodusi 13:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Kwathi uFaro evuma kalukhuni ukuba sihambe, uJehova wabulala amazibulo onke asezweni laseGibithe, amazibulo abantu namazibulo ezinkomo; ngalokho ngiyahlabela uJehova konke okuvula isizalo okungamaduna; kepha onke amazibulo amadodana ami ngiyawahlenga.’

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 Ngesikhathi uFaro elukhuni engavumi ukusidedela, uSimakade wabulala wonke amazibulo eGibhithe, kusukela kwawabantu kuya kwawezilwane. Ngakho-ke ngihlabela uSimakade konke okungamaduna okuvule isibeletho, kodwa ngiyawahlenga wonke amazibulo angamadodana ami.’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Kwathi uFaro engafuni ukusikhulula, uJehova wabulala wonke amazibulo ezweni laseGibithe, amazibulo abantu namazibulo ezilwane; ngakho-ke nginikela eNkosini konke okuvula i-matrix, engowesilisa; kodwa wonke amazibulo ebantwaneni bami ngiyawakhulula.

Gade chapit la Kopi




UEksodusi 13:15
7 Referans Kwoze  

Kwathi phakathi kwamabili uJehova wabulala onke amazibulo ezweni laseGibithe, kusukela kulo izibulo likaFaro owayehlala esihlalweni sakhe sobukhosi kuze kube kulo izibulo lesiboshwa esasisetilongweni, kanye namazibulo onke ezinkomo.


Kepha izibulo lembongolo wolihlenga ngewundlu; uma ungalihlengi, ulaphule intamo. Amazibulo onke amadodana akho wowahlenga, kungabonakali muntu phambi kwami engaphethe lutho.


Ukuba kuhlengwe labo abangamakhulu amabili namashumi ayisikhombisa nantathu bamazibulo abantwana bakwa-Israyeli abadlula amaLevi,


Konke okuvula isizalo senyama yonke abanikela ngakho kuJehova, okomuntu nokwesilwane, kuyakuba ngokwakho; nokho izibulo lomuntu wolihlenga ngempela, nezibulo lezilwane ezingcolileyo wolihlenga.


Washaya namazibulo onke ezweni lakubo, okokuqala kwamandla abo.


Kepha ngiyazi mina ukuthi inkosi yaseGibithe ayiyikuvuma ukuba nihambe, ngisho nangesandla esinamandla.


Ngiyakutshela: “Yiyeke indodana yami ukuba ihambe ingikhonze,” kepha awuyiyekanga; bheka, sengiyakubulala indodana yakho, izibulo lakho.’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite